1UJEHOVA wa tyo kuMosi na kuAroni, wa ti kubo,
2A no tyo kwabaka Israeli, ni ti, Loku ku iko okupilayo eni nga ku dhlayo kuzo zonke izilwane ezi semhlabeni.
3Zonke ezahlukanisa inselo, ezi dabula inselo kabili, ezetyisayo kuzo izilwane, lezi ni nga zi dhla.
4Kepa ni nga zi dhli lezi kwezetyisayo, na kwezahlukanisayo inselo; ikameli, noma letyisa, a lahlukanisi inselo; li ngcolile kini.
5Nembila, noma yetyisa, a yahlukanisi inselo; i ngcolile kini.
6Nonogwaja, noma etyisa, kahlukanisi inselo; u ngcolile kini.
7Nengulube, noma yahlukanisa inselo, i dabula inselo kabili, a yetyisi; i ngcolile kini.
8Ni nga dhli inyama yazo, ni nga pati izidumbu zazo; zi ngcolile kini.
9Lezi ni nga zi dhla kuzo zonke ezi semanzini; zonke ezi namapiko nezincwecwe, ezi semanzini, ezi solwandhle, nezi semifuleni, lezi ni nga zi dhla.
10Kodwa zonke ezi nge namapiko nezincwecwe, ezi solwandhle, nezi semifuleni, kuzo zonke izilwane ezi semanzini, na kuzo zonke izinto ezipilayo ezi semanzini, zo nengeka kini;
11Zo nengeka kini; ni nga dhli inyama yazo; ni ya ku nengwa izidumbu zazo.
12Konke oku nge namapiko nezincwecwe, oku semanzini, ko nengeka kini.
13Na lezi ni ya kunengwa izo ezinyonini; a zi nga dhliwa, zi ya nengeka; ukozi, noperesi, noazniya.
14Nenqe, noaja ngezinhlobo zake;
15Namagwababa onke ngezinhlobo zawo;
16Nentye, nesikova, neshakafi, nonhloile ngezinhlobo zake,
17Nesikovana, neshalaki, nesikova esikulu,
18Netineshemeti, nekaati, nerakamu,
19Nokasida, noanapa ngezinhlobo zake, nodukipati, nelulwane.
20Izilwanyana zonke ezi namapiko ezi hamba ngezinyawo ezine zo nengeka kini.
21Kepa lezi ni nga zi dhla kuzo zonkeizilwanyana ezi hamba ngezinyawo ezine, ezi namanqina amabili ngapezu kwezinyawo, ukuba zeqe ngawo emhlabeni;
22Lezi ni nga zi dhla kuzo; isikonyane ngezinhlobo zayo, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintete ngezinhlobo zazo.
23Kepa zonke ezinye izilwanyana ezi namapiko, zi nezinyawo ezine, zo nengeka kini.
24Ni ya kuzingcolisa ngazo; bonke abapata izidumbu zazo bo ba ba ngcolile ku ze ku hlwe.
25Nabo bonke aba twala uto lwezidumbu zazo ka ba hlanze izivato zabo, ba ngcolile ku ze ku hlwe.
26Izidumbu zezilwane zonke ezahlukanisa inselo, zi nga i dabuli kabili, zi ngetyisi, zi ngcolile kimi; bonke aba zi patayo ba ya kuba ba ngcolile.
27Nazo zonke ezi hamba ngezinzwani, kuzo zonke izilwane ezi hamba ngezinyawo ezine; lezi zi ngcolile kini; o pata izidumbu zazo, u ya kuba o ngcolile ku ze ku hlwe.
28No twala izidumbu zazo ka hlanze izivato zake, a be u ngcolile ku ze ku hlwe; zi ngcolile kini.
29Na lezi zi ya kuba zi ngcolile kini kuzo zonke izilwanyana ezi vamayo emhlabeni; ucakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zake,
30Nesicilitya, nesiquzi, nentulo, nesibankwa, nonwabu.
31Lezi zi ngcolile kini kuzo zonke izilwanyana; o zi patayo, se zi file, wo ba u ngcolile ku ze ku hlwe.
32Konke ezi wa pezu kwako, se zi file, ko ba ku ngcolile; noma ku into yomuti, noma isivato, noma isikumba, noma isaka, noma intoni okusetyenzwa ngayo, a ku fakwe emanzini, ku be ku ngcolile ku ze ku hlwe; kona ku ya ku hlambuluka.
33Nezitya zonke zebumba, ezi wa kuzo, konke oku kuzo ko ba ku ngcolile, zi bula we zona.
34Nokudhla konke okudhliwayo, a fika kuko amanzi, ko ba ku ngcolile; nako konke oku puzwayo oku ku lezizitya ko ba ku ngcolile.
35Nako konke, ezi wa kuko izidumbu zazo, ko ba ku ngcolile, noma iziko, noma isitofi, a ku bidhlizwe; ku ngcolile, ko ba ku ngcolile kini.
36Kepa umtombo, nomgodi o namanzi amaningi, wo ba hlambulukile; kodwa oku patayo izidumbu zazo, ko ba ku ngcolile.
37Nxa izidumbu zazo zi wa kuyo imbeu yokuhlwanyelwa, eza kuhlwanyelwa, yo ba i hlambulukile.
38Kepa uma ku telwa amanzi embewini, izidumbu zazo zi we kuyo, i ya kuba i ngcolile kini.
39Nxa ku fa isilwane, eni si dhlayo, o si patayo isidumbu saso, wo ba u ngcolile ku ze ku hlwe.
40Nodhlayo isidumbu saso, wo hlanza izivato zake, a be u ngcolile ku ze ku hlwe.
41Izilwanyana zonke ezi nambuzela emhlabeni zo nengeka kini; a zi nga dhliwa.
42Zonke izilwanyana ezi hamba ngesisu, nazo zonke ezi hamba ngezinyawo ezine, nazo zonke ezi vama izinyawo kuzo zonke izilwanyana ezi nambuzelayo emhlabeni, ni nga zi dhli, ngokuba ku nengeka.
43Ni nga zenzi ukuba ni nengeke ngezilwanyana ezi nambuzelayo, ni nga zingcolisi ngazo, ni ze ni be aba ngcolile ngazo.
44Ngokuba ngi nguJehova, uTixo wenu; ngako a no zingcwelisa, ni be ngcwele; ngokuba ngi ngcwele; ni nga zingcolisi ngezilwanyana ezi nambuzelayo emhlabeni.
45Ngokuba ngi nguJehova o ni kipileyo ezweni la sEgipite, ukuba ngi be uTixo wenu, ngako a ni be ngcwele; ngokuba ngi ngcwele.
46Lo u ngumteto wezilwane, nowezinyoni, nowezilwane zonke ezi pilayo ezi hamba emanzini, nowezilwanyana zonke ezi nambuzelayo emhlabeni.
47Ukuba kwahlukaniswe ezingcolileyo nezihlambulukileyo, nezilwane ezidhliwayo nezilwane ezi nga dhliwayo.