1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Yityo kwabaka Israeli, u ti kubo, Imihlangano ka Jehova eni ya kuimema i be imikosi engcwele, le i imihlangano yami.
3Ko setyenzwa izinsuku ezi isitupa; kepa usuku lwesikombisa lu isabata lokupumula, umkosi ongcwele; ni nga sebenzi umsebenzi ngalo; ku isabata lika Jehova ezindhlini zonke zenu.
4Le i imihlangano ka Jehova, umkosi ongcwele, eni ya kuimema ngezikati zayo.
5Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane kusihlwa ku ipasika.
6Ngosuku lweshumi nesihlanu lwa leyonyanga ku umhlangano wesinkwa esi nga vutyelwe kuJehova; a no dhla isinkwa esi nga vutyelwe izinsuku ezi isikombisa.
7Ngosuku lokuqala no ba nomkosi ongcwele; ni nga sebenzi umsebenzi ngalo.
8Ni nikele kuJehova umnikelo womlilo ku be izinsuku ezi isikombisa; ngosuku lwesikombisa ku umkosi ongcwele; ni nga sebenzi umsebenzi ngalo.
9uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
10Yityo kwabakaIsraeli, u ti kubo, Nxa ni fika ezweni engi ni nika lona, ni vune amabele alo, kona a no leta kumpristi isitungu solibo lwamabele enu;
11A si zulise isitungu pambi kuka Jehova ukuba namkelwe; umpristi a si zulise ngosuku olu landela isabata.
12Ngosuku eni zulisa isitungu ngalo a no nikela inqama e nge nacala, e nomnyaka munye, i be umnikelo wokutyiswa kuJehova.
13Umnikelo wempupu wawo wo ba okweshumi okubili kweefa lempupu e telwa ngamafuta, u be umnikelo womlilo kuJehova, ku be ipunga elimnandi; nomnikelo wokupuza wawo u be okwesine kwehini lewaini.
14Ni nga dhli isinkwa, nendhlosa, namabele a kandiweyo, ku nga ka fiki lolosuku eni nikela ngalo umnikelo kuTixo wenu; ko ba umteto opakade ezizukulwaneni zenu emizini yonke yenu.
15A no bala, ni qala ngosuku olu landela isabata, ngosuku eni leta ngalo isitungu somnikelo wokuzuliswa; ko pelela amasabata a isikombisa;
16Ku ze ku fike usuku olu landela isabata lesikombisa no bala izinsuku ezi mashumi amahlanu; no nikela umnikelo wempupu kuJehova.
17Ni pume emizini yenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kweefa; a zi be ezempupu enhle, zi pekwe zi vutyelwe; zi ulibo luka Jehova.
18Ni nikele kanye nesinkwa izinqama ezi isikombisa ezi nge nacala; ezi nomnyaka munye, netole, nezinqama ezimbili; zi be umnikelo womlilo kuJehova, kanye nomnikelo wazo wempupu, neminikelo yazo yokupuza, umnikelo womlilo, ipunga elimnandi kuJehova.
19Ni hlabe impongo ya sezimbuzini i be umnikelo wesono, nezinqama ezimbili ezi nomnyaka munye zi be umhlatyelo wokutula.
20Umpristi a ku zulise kanye nezinkwa zolibo ku be umnikelo wokuzuliswa pambi kuka Jehova; kanye nezinqama; zo ba ngcwele kuJehova, zi be ezompristi.
21A no mema ngalolosuku ukuba ni be nomkosi ongcwele; ni nga sebenzi umsebenzi ngalo; a ku be umteto opakade emizini yonke yenu ezizukulwaneni zenu.
22Nxa ni vuna amabele ensimu yenu; u nga vuni u qede emagunjini ensimu yako; u nga kotozi amabele ensimini yako; o wa shiyela abampofu nabezizwe; ngi nguJehova uTixo wenu.
23uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
24Yityo kwabaka Israeli, u ti, Ngenyanga yesikombisa, ngosuku lokuqala lwenyanga, a no ba nesabata, isikumbuzo sokwenanela; umkosi ongcwele.
25Ni nga sebenzi umsebenzi ngalo; a no nikela umnikelo womlilo kuJehova.
26uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
27Kepa usuku lweshumi lwa lenyanga yesikombisa lu ngusuku lokuhlaula; ko ba umkosi ongcwele kini; a no tobisa imipefumlo yenu, ni nikele umnikele womlilo kuJehova.
28Ni nga sebenzi umsebenzi ngalolosuku; ngokuba lu ngusuku lokuhlaula, lokunihlaulela pambi kuka Jehova uTixo wenu.
29Lowo o nga totyiswa ngalolosuku u ya kunqunwa kwabakubo.
30Na lowo o sebenza umsebenzi ngalolosuku, ngi ya kumbubisa lowo a nga bi ko kwabakubo.
31Ni nga sebenzi umsebenzi; ko ba umteto opakade ezizukulwaneni zenu kuyo yonke imizi yenu.
32Ko ba isabata lokupumula kinina; no tobisa imipefumlo yenu; ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, kusihlwa, a no sonta isonto lenu, ku qale kusihlwa ku ze ku buye ku hlwe.
33uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
34Yityo kwabaka Israeli, u ti, Ngosuku lweshumi nesihlanu lwa lenyanga yesikombisa ko ba umhlangano wamadokodo kuJehova, ku be izinsuku ezi isikombisa.
35Ngosuku lokuqala ko ba umkosi ongcwele; ni nga sebenzi umsebenzi.
36A ku be izinsuku ezi isikombisa ni nikela kuJehova umnikelo womlilo; ngosuku lwesishiyagalombili ko ba kini umkosi ongcwele; a no nikela kuJehova umnikelo womlilo; ku umhlangano ongcwele; ni nga sebenzi umsebenzi.
37Le i imihlangano ka Jehova eni ya kuimema i be imikosi engcwele, ukuba ku nikelwe kuJehova umnikelo womlilo, umnikelo wokutyiswa, nomnikelo wempupu, nomhlatyelo, neminikelo yokupuza, ku be ilowo ngosuku lwawo;
38Ngapandhle kwamasabata ka Jehova, na ngapandhle kweminikelo yenu, na ngapandhle kweminikelo yenu yokwetembisa, na ngapandhle kweminikelo yenu yesihle, eni i nikele kuJehova.
39Kepa ngosuku lweshumi nesihlanu lwenyanga yesikombisa, lapo ni sa buta izitelo zezwe, a no gcina umhlangano ka Jehova ku be izinsuku ezi isikombisa; ngosuku lokuqala a ku be isibata na ngosuku lwesishiyagalombili ku be isibata.
40Ngosuku lokuqala a no tabata izitelo zemiti ebukekayo, amagatya esundu, namagatya emiti eyenileyo, neminyezane yomfula; a ni tokoze pambi kuka Jehova uTixo wenu izinsuku ezi isikombisa.
41Ni u gcine u be umhlangano kaJehova izinsuku ezi isikombisa ngomnyaka; ko ba umteto opakade ezizukulwaneni zenu; ni u gcine ngenyanga yesikombisa.
42Ni hlale emadokodweni izinsuku ezi isikombisa; bonke aba ngabaIsraeli ngokuzalwa bo hlala emadokodweni;
43Ukuba izizukulwane zenu zazi ukuti ngenza abaka Israeli ukuba ba hlale emadokodweni, lapo nga ba kipa ezweni la sEgipite; ngi nguJehova uTixo wenu.
44uMosi wa ba tyela abaka Israeli imihlangano ka Jehova.