1KWA ti ekukulekeni kwake endaweni etile, se e qedile, omunye kubafundi bake, wa ti kuye, Nkosi, si fundise ukukuleka, njengoJohane wa ba fundisa abafundi bake.
2Wa ti kubo, Nxa ni kuleka, ni ti, Baba [wetu o sezulwini,] Ma li hlonitywe igama lako. Umbuso wako ma u ze. [Intando yako ma yenziwe emhlabeni njenga sezulwini.]
3U si pe ukudhla kwetu okwaneleyo imihla ngemihla.
4U si tetelele izono zetu, ngokuba tina si ba tetelela bonke aba namacala kitina. U nga si ngenisi ekulingweni, [kodwa u si sindise kuko okubi.]
5Wa ti kubo, U mupi kinina o nomhlobo, a suke, a ye kuwo pakati kobusuku, a ti, Mngane wami, ngi boleke izinkwa zi be zintatu;
6Ngokuba u pambukele kimi umhlobo wami, u ya hamba, kepa a ngi nanto yokubeka pambi kwake;
7A pendule opakati a ti, U nga ngi katazi, se ku valiwe umnyango, abantwana bami ba kona nami embedeni, a ngi nakuvuka ngi ku nike.
8Ngi ti kini, Noma e nga vuki, a m nike, ngokuba u umhlobo wake, kepa ngokuqinisa kwake, u ya kuvuka, a m nike loku a ku funayo.
9Ngi ti kini, Celani, ni ya ku piwa, funani, ni ya kufumana; gqongqotani, ni ya kuvulelwa.
10Bonke abacelayo ba yamkeliswa; nofunayo u ya fumana; nogqongqotayo u ya vulelwa.
11U mupi uyise kini, indodana i cela isinkwa, wo i pa itye na? nokuba i cela inhlanzi, wo i nika inyoka, e nga i niki inhlanzi na?
12Uma i cela iqanda; wo i nika ufezela na?
13Uma nina, ni nga lungile, nazi ukubapa abantwana benu izipo ezinhle, kakulu uYihlo wenu o sezulwini wo ba pa abacelayo kuye uMoya o ingcwele.
14Wa e kipa idemone, la li isitulu; kwa ti, se li pumile idemone, o isitulu wa kuluma; abantu ba mangala.
15Abanye kubo ba ti, U ya kipa amademone ngoBelzebule, inkosi yamademone.
16Abanye ba m linga, ba funa kuye isibonakaliso sa sezulwini.
17Kodwa e zazi izizindhlo zabo wa ti kubo, Ilowo umbuso owahlukeneyo wodwa, u ya citeka, nendhlu eyahlukene nendhlu i ya wa.
18Uma uSatani wahlukene yedwa, umbuso wake u ya kuma kanjani na? loku ni ti, ngi kipa amademone ngoBelzebule.
19Uma ngi kipa amademone ngoBelzebule, abantwana benu ba wa kipa ngobani na? Njalo bo ba abahluli benu.
20Kepa uma ngi kipa amademone ngomunwe ka Tixo umbuso ka Tixo se u fikile kini.
21Uma isiqwaga si hlomile, si linda indhlu yaso, impahla yaso i ya gcineka;
22Kodwa uma ku fika o sahlulayo, a si nqobe, a samuke izikali zaso, e be si tembile kuzo, a kwabele esi ku pangileyo.
23O nge nami u pambene nami, no nga buti nami u ya cita.
24Nxa umoya omubi e pume kumuntu u ya dabula izindawo ezomileyo, a fune ukupumula, e nga ku fumani, u ti, Ngo buyela endhlini yami e nga puma kuyo.
25Se e fikile u i fumana i tyaneliwe, i hlotyisiwe.
26Kona u ya a tabate abanye omoya aba isikombisa ababi ku naye, ba ngene, ka hlale kona; ku ti ukupela kwa lomuntu kubi ku nokuqala.
27Kwa ti e sa shumayela loku, umfazi wa sebantwini wa memeza wa ti kuye, Si busisiwe isisu esa ku twalayo, namabele owa wa ncelayo.
28Wa ti yena, Yebo, kakulu, ba ya busiswa aba li zwa izwi lika Tixo, ba li londe.
29Se be butene abantu, wa qala ukuti, Isizukulwane lesi si ya funa isibonakaliso; kepa a si yi kupiwa, kupela isibonakaliso sika Jona umprofeti.
30NjengoJona wa be e isibonakaliso kwaba seNineva, njalo iNdodana yomuntu i ya kuba ku lesisizukulwane.
31Inkosikazi ya seningizimu i ya kusuka i me ekwahluleni kanye nabantu ba lesisizukulwane, i ba lahle, ngokuba yeza i vela ekupeleni komhlaba ukuzwa ukuhlakanipa kuka Solomona; bhekani, nangu omkulu ku noSolomona.
32Abantu ba seNineva ba ya kusuka beme ekwahluleni kanye na lesisizukulwane, ba si lahle, ngokuba ba penduka ngokushumayela kuka Jona; bhekani, nangu omkulu ku noJona.
33A ku ko umuntu o sokela isibani, a si beke endaweni esitekileyo, na ngapansi kwesitya; u ya si beka otini lwaso, ukuba abangenayo ba bone ukukanya.
34Ukukanya komzimba ku iso; njalo uma iso lako lihle, ko kanya umzimba wonke wako; kodwa uma libi, kumnyama umzimba wako.
35A ku qonde, funa ku be mnyama ukukanya oku kuwe.
36Uma ku kanya umzimba wonke wako, u nga bi nandawo emnyama, u ya kukanya wonke, njenga lapo isibani si ku kanyisa ngokukazimula kwaso.
37E sa kuluma, umFarisi otile wa m nxusa ukuba a dhle naye; wa ngena wa cambalala ekudhleni.
38umFarisi se e bone wa mangala ngokuba e dhla e nga ka hlambi.
39iNkosi ya ti kuye, Nina baFarisi ni hlanza indebe nesitya ngapandhle, kodwa nagapakati ni gcwele ukupanga nokubi.
40Nina ziula, okwenzayo okungapandhle a kenzanga nokungapakati na?
41Kodwa babeleni okungapakati; kona konke ku hlanzekile kini.
42Kodwa nako kinina, baFarisi! ni tela ngokweshumi iminte nerue nemityana yonke, ni yeke ukwahlula nokumtanda uTixo; nga ni kwenzo loku ni nga ku yeki na loko.
43Nako kinina baFarisi! ni tanda izihlalo ezi pambili ezindhlini zokusonta, nokubingelelwa ezindaweni zokubutana.
44Nako kinina, ni njengamatuna angabonakaliyo, abantu aba hamba pezu kwayo be nga wazi.
45Wa pendula omunye kubameli, wa ti kuye Mfundisi ngokutyo loku u ya si tuka nati.
46Wa ti, Nako na kinina, bameli! ni ba twesa abantu imitwalo esindayo, nina a ni pati leyomitwalo na ngamunwe munye wenu.
47Nako kinina, ni waka amatuna abaprofeti, oyihlo ba ba bulala.
48Impela ni qinisela, ni vumela imisebenzi ya woyihlo, ngokuba bona ba ba bulala, nina ni sa waka amatuna abo.
49Ngaloko kwa tyo nokuhlakanipa kuka Tixo ukuti, Ngi ya kubatumela abaprofeti nabapostoli, abanye bo ba bulala ba ba hlupe.
50Ukuba ku bizwe ku lesisizukulwane igazi labaprofeti bonke elacitwayo, iloku kwa dabuka umhlaba;
51Ku suka egazini lika Abela ku ze ku fike egazini lika Zakaria owa bulawa pakati kwelati netempeli; yebo, ngi ti kini, Li ya kubizwa ku lesisizukulwane.
52Nako kinina, bameli! ni susile isihlutulo sokwazi, a ni ngenanga nina, na ba vimbela abangenayo.
53E sa shumayela loku kubona, ababali nabaFarisi ba qala ukumnxamela kakulu, nokumyenga a pendule ngezinto eziningi.
54Ba m hlomela be funa ukubamba izwi eli puma emlonyeni wake, ukuba ba m tolise icala.