1KWA ku sondela kuye bonke abatelisi nezoni ukumuzwa.
2AbaFarisi nababali ba konona, be ti, Lomuntu u hlangana nezoni, a dhle nazo.
3Wa shumayela lomfanekiso kubo wokuti,
4U mupi umuntu kini o nezimvu ezikulu, ku lahleke enye kuzo, a nga zi shiyi ezimashumi ashiyagalolunye neshiyagalolunye ehlane, a ye kwelahlekileyo, a ze a i tole?
5Se e i tolile, a i beke emahlombe e tokoza.
6Ukufika ekaya a meme izihlobo zake, nabakelene naye, e ti kubo, Tokozani nami; se ngi i tolile imvu yami, e bi lahlekile.
7Ngi ti kini, kunjalo na sezulwini ku kona ukutokoza ngesoni si sinye esi pendukile, ku nabalungileyo o bamashumi ashiyagalolunye neshiyagalolunye aba nga sweli ukupenduka.
8U mupi umfazi o nezinhlamvu zemali ezi ishumi, ku lahleke enye a nga sokeli isibani, a tyanele indhlu, a i funisise, a ze a i tole?
9Se e i tolile, a meme izihlobo zake nabakelene naye, e ti, Tokozani nami; se ngi tolile inhlamvu yami e bi lahlekile.
10Ku njalo ngi ti kini, ku kona ukutokoza ezingelosini zika Tixo ngesoni si sinye esi pendukile.
11Wa ti, Umuntu otile wa e namadodana amabili;
12Omcinyane wa ti kuyise, Baba, ngi pe isabelo semfuyo engi sabelwa. Wa bahlukanisela imfuyo.
13Kwa ti emva kwezinsuku ezi nga ka bi ziningi, indodana encinyane ya buta konke, ya hamba ya ya ezweni elikude, ya cita kona imfuyo yayo e hamba ngokonakala.
14Se i qedile konke kwa ba indhlala enkulu ku lelozwe; wa qala ukuswela.
15Ya ya ya tolwa umuntu wa lelozwe; wa i tuma ezweni lake ukuzalusa izingulube.
16Ya fisa ukudhla amakasi a dhliwayo izingulube; ka i piwanga umuntu.
17Ya qonda ya ti, Ziningi izisebenzi zika baba zi nokudhla okuningi, kepa mina ngi ya fa ngokulamba.
18Ngi ya kusuka, ngi ye kubaba, ngi ti kuye, Baba, ngonile ezulwini na pambi kwako.
19A ngi sa fanele ukutiwa indodana yako; ngenze ngi be njengezisebenzi zako.
20Ya suka yeza kuyise, Kepa i se kude, uyise wa i bona, wa i haukela, wa gijima, wa i gona ngentamo, wa yanga.
21Ya ti indodana kuye, Baba, ngonile ezulwini na pambi kwako; a ngi sa fanele ukutiwa indodana yako.
22Kodwa uyise wa ti ezincekwini zake, Kipani ingubo enhle, ni yambatise, ni fake indandato esandhleni sayo nezicatulo ezinyaweni zayo.
23Ni lete itole elinonileyo, ni li hlabe, si dhle, si jabule.
24Lendodana yami i bi file se i pilile; i bi lahlekile, se i toliwe. Ba qala ukujabula.
25iNdodana yake enkulu ya i sendhle; i seza ya sondela endhlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.
26Ya biza inceku, ya buza ukuba ku ini loku.
27Ya ti kuyo, U fikile umfo wenu; uyihlo u hlabile itole elinonileyo, ngokuba e m zuzile e pilile.
28Ya tukutela, i nga vumi ukungena. Wa puma uyise wa i ncenga.
29Ya pendula, ya ti kuyise, Bheka, leminyaka eminingi ngi ku konza; a ngi zanga ngeqe izwi lako; kepa a wu ngi nikanga nazinyane lembuzi, ukuba ngi jabule nezihlobo zami.
30Kepa lendodana yako, e bi citile imfuyo yako, i hlala nezifebe, se i fikile, wa i hlabela itole elinonileyo.
31Wa ti kuyo, Mtanami, wena u nami ngezikati zonke; konke e ngi nako ku ngokwako.
32Ku fanele ukujabula nokutokoza; umfo wenu lo, wa e file, u se pilile; wa e lahlekile, u se toliwe.