1WA ti kubafundi bake, Kwa ku kona umuntu o isicebi, e nenceku; ya mangalelwa kuye kwa tiwa i cite impahla yake.
2Wa i biza, wa ti kuyo, Ku ini loku engi ku zwa ngawe na? Landa ubunceku bako; u nge be u sa ba inceku.
3Ya ti inceku enhliziyweni yayo, Ngi ya kwenze njani, loku inkosi yami i ngamuka ubunceku? ngi nge lime; ukupanza ngi namahloni.
4Se ngi kwazi e ngi za kwenza ukuba ba ngamkele ezindhlini zabo, uma ngi kityiwa ebuncekwini.
5Ya biza bonke aba namacala enkosini yayo, ya ti kowokuqala, U necala li ngakanani enkosini yami na?
6Wa ti, izigubu ezi ikulu zamafuta. Ya ti kuye, Tabata incwadi yako, u hlale masinyane, u lobe amashumi mahlanu.
7Ya ti komunye, Wena u necala li ngakanani na? Wa ti kuyo, Amakora a ikulu amabele. Ya ti kuyo, Tabata incwadi yako, u lobe amashumi ashiyagalombili.
8Inkosi ya babaza leyonceku engalungile, ngokuba yenze ngokuhlakanipa; abantwana ba lelizwe ba hlakanipile ku nabantwana bokukanya ezizukulwaneni zabo.
9Ngi ti kini, Zenzeleni izihlobo ngemfuyo yokungalungi, ukuba, se ku pele, namkelwe ezindhlini ezimapakade.
10O tembekile ngokuncinyane u tembekile na ngokukulu, o nga lungile ngokucinyane ka lungile na ngokukulu.
11Uma ni nga tembekile ngemfuyo engalungile, ubani o ya kumkela kini imfuyo eqinisileyo na?
12Uma ni nga tembekile ngokwabanye, ubani o ya kuninika okwenu na?
13A ku ko nceku e nga konza amakosi amabili; i ya kuzonda enye, i tande enye, nokuba i bambelele kwenye i dele enye. Ni nge konze uTixo noMamona.
14abaFarisi abatanda imali bezwa konke loku, ba m eisa.
15Wa ti kubo, Ni ngabazitetelela pambi kwabantu, kepa uTixo u ya zazi izinhliziyo: loku okukulu kubantu, ku nengeka kuTixo.
16Kwa ku kona umteto nabaprofeti wa za wa fika uJohane; ku seloko umbuso ka Tixo u shunyayelwe, bonke ba panga ukungena kuwo.
17Ku lula ukuba ku dhlule izulu nomhlaba, ku nokuba ku citeke ibalana li linye lomteto.
18O lahla umkake, a ganwe omunye, u ya pinga; na lowo o ganwa olahliweyo indoda, u ya pinga.
19Kwa ku kona umuntu o isicebi, owa embata izingubo ezibomvu nezinhle, e dhla okumnandi imihla ngemihla.
20Kwa ku kona nompofu, igama lake li nguLazaru, owa bekwa nga sesangweni lake, e bidhlikile,
21E fisa ukudhla imvutuluka e wa esitebeni sesicebi; kweza izinja za m kota izilonda.
22Kwa ti ompofu wa fa, wa yiswa izingelosi esifubeni sika Abrahama. Sa fa nesicebi, sembelwa.
23Si sehaidese sa bheka, si nobuhlungu, sa bona uAbrahama ekude, noLazaru e sesifubeni sake.
24Wa memeza wa ti, Baba Abrahama, ngi haukele, u tume uLazaru, a cwilise isihloko somunwe wake emanzini, eze kupolisa ulimi lwami; ngi ya hlupeka ku lelilangabi.
25uAbrahama wa ti, Mtanami, kumbula ukuba wa kwamkela okuhle kwako ekupileni kwako, kepa uLazaru wa e nokubi; manje u ya tokoziswa yena, u ya hlupeka wena.
26Futi ngapandhle konke loku li mi igebe elikulu pakati kwetu nani; aba lapa be tanda ukuya kini, ba ngeze; naba lapo ba ngeze lapa kiti.
27Wa ti, Ngi ya ku ncenga, baba, ukuba u m tumele endhlini ka baba;
28Ngi nabafo wetu aba isihlanu, ukuba a ba luleke, ba ngezi ku lendawo yokuhlupeka.
29uAbrahama wa ti kuye. Ba noMosi nabaprofeti, a bezwe bona.
30Wa ti, Ai, baba Abrahama; kodwa uma ku suka umuntu kwabafileyo, a ye kubo, ba ya kupenduka.
31Wa ti kuye, Uma be ngezwa uMosi nabaprofeti, a ba yi kuzwa, noma ku vuka umuntu kwabafileyo.