1LABO bonke besuka, ba m yisa kuPilatu.
2Ba qala ukummangalela, be ti, Si m fumene e hlubukisa abantu, e ba nqabela ukutela kuKesari, e ti, uyena o nguKristu inkosi.
3uPilatu wa m buza, wa ti, U inkosi yabaJuda na? Wa m pendula wa ti, U tyo wena.
4uPilatu wa ti kubapristi abakulu na kubantu, A ngi fumani icala ku lomuntu.
5Ba qinisa ba ti, U ya vusa abantu, e fundisa eJudia lonke, wa qala eGalile wa za wa fika lapa.
6uPilatu e zwa ku tiwa iGalile; wa buza uma lomuntu u ngowa seGalile.
7Se e zwile ukuti e ngowombuso ka Herodi, wa m tumela kuHerodi, owa e kona eJerusalema nga lesosikati.
8uHerodi, se e m bone uJesu, wa jabula kakulu; kade wa e tanda ukumbona, ngokuba e be zwile okuningi ngaye; wetemba ukubona isibonakaliso senziwa uye.
9Wa m buza ngamazwi amaningi, kodwa ka m pendulanga ngaluto.
10Abapristi abakulu nababali bema, ba m ceba kakulu.
11uHerodi namabuto ake ba m eisa, ba m hleka, ba m ambatisa ingubo enhle; ba m buyisela kuPilatu.
12Nga lolosuku uPilatu noHerodi ba buya ba tandana ngaloko; kade ba be zondana.
13uPilatu wa bizela ndawonye abapristi abakulu, namakosi, nabantu.
14Wa ti kubo, Ni m letile kimi lomuntu njengo hlubukisa abantu; bhekani, ngi m buzile pambi kwenu; a ngi fumani icala ku lomuntu, nga loku eni m ceba ngako.
15NoHerodi ka li fumani: nga ni tumela kuye; bhekani, a ku konto enziwe uye, a fanele ukufa ngayo.
16Ngi ya kumtyaya, ngi m kulule.
17Ngokuba nga e ba kululela a be munye nga lomhlangano.
18Ba memeza kanyekanye, be ti, Susa lomuntu, u si kululele uBaraba.
19Yena owa e fakwe etilongweni, ngokuhlubuka emzini, na ngokubulala.
20uPilatu e tanda ukumkulula uJesu, wa buya wa kuluma kubo.
21Kepa ba memeza, be ti, M betele: m betele:
22Wa ti kubo ngokwesitatu, Woneni na? A ngi fumani icala kuye lokuba a fe; ngi ya kumtyaya, ngi m kulule.
23Ba qinisa ngokumemeza okukulu, be ti ma betelwe; kwahlula ukuntemeza kwabo nokwabapristi abakulu.
24uPilatu wa nqamula wa ti, a ku be njengokutyo kwabo.
25Wa ba kululela lowo owa e fakwe etilongweni ngokuhlubuka nokubulala, aba m bizayo; wa m nikela uJesu ekutandeni kwabo.
26Se bemuka naye; ba bamba uSimone wa seKurene, e vela endhle, ba m twesa isipambano, a si twale emva kuka Jesu.
27Wa landelwa abantu abaningi, nabesifazana, aba m kalela, be m dabukela.
28uJesu wa pendukela kubo, wa ti, Madodakazi a seJerusalema, ni nga ngi kaleli mina, zikaleleni nina, nabantwana benu.
29Bhekani, ku yeza izinsuku oku za kutiwa ngazo, Ba busisiwe aba izinyumba, nezisu ezi nga zalanga, namabele a nga ncelisanga.
30Kona ba ya kuqala ukuti ezintabeni, Dilikelani pezu kwetu, na semadulini, Si sibekeleni.
31Uma benza loku emtini oluhlaza, ku ya kwenziwani kowomileyo na?
32Kwa ku kona abanye ababili ababi aba yiswa kanye naye ukuya kubulawa.
33Se be fikile endaweni e tiwa iNhloko, ba m betela kona, na labo ababi, omunye ngakwesokunene, nomunye ngakwesokohlo.
34Wa ti uJesu, Baba, ba tetelele; a bazi aba kwenzayo. Bahlulelana izingubo zake, benzelana inkato.
35Abantu bema, be buka, ababusi kanye nabo ba m eisa be ti, Wa sindisa abanye; ka zisindise yena, uma e nguKristu, o ketwe uTixo.
36Namabuto a m hleka, eza kuye, a m nika iwaini elimunyu.
37E ti, Uma u inkosi yabaJuda, zisindise.
38Kwa ku kona incwadi e lotywe pezu kwake ngokwamaGrike, nokwamaRomani, nokwabaHeberu, i ti, LO U INKOSI YABAJUDA.
39Omunye ku labo ababi aba panyekwe naye, wa m tuka, e ti, Uma u nguKristu, zisindise wena nati.
40Kepa omunye e pendula, wa m tetisa, e ti, A u m esabi uTixo, loku u lahlwe kanye naye na?
41Tina si fanele ukulahlwa; samkeliswa okufanele imisebenzi yetu: kepa yena a konanga ngaluto.
42Wa ti kuJesu, U ngi kumbule, Nkosi, lapo u su fike embusweni wako.
43uJesu wa ti kuye, Ngi qinisile ngi ti kuwe, Namhla u ya kuba nami eParadisi.
44Kwa ku ngehora lesitupa, kwa ba mnyama emhlabeni wonke, kwa za kwa ba ihora lesishiyagalolunye.
45Ilanga la fipala; iveli letempeli la dabuka pakati.
46uJesu wa memeza ngezwi elikulu, wa ti, Baba, ngi ya nikela umoya wami ezandhleni zako: se e tyilo loku, wa fa.
47Induna yekulu i bona okwenzekileyo, ya dumisa uTixo, i ti, Impela lomuntu wa e lungile.
48Abantu bonke aba butanele ukubona loko, se be bonile okwenzekileyo, ba tyaya izifuba zabo, ba buya.
49Bonke abazana naye, nabesifazana aba m landela be vela eGalile, bema kude, be buka lezizinto.
50Bheka, wa e kona umuntu igama lake li nguJosefa, umpakati; umuntu omnene nolungileyo.
51(Yena wa e nga vumelene nabo ngecebo nokwenza kwabo:) wa e ngowa seArimatia, umuzi wabaJuda, wa e bheke umbuso ka Tixo.
52Lo wa ya kuPilatu, wa cela isidumbu sika Jesu.
53Wa sehlisa, wa si songa ngendwangu, wa si beka etuneni, eli qotywe etyeni, lapo ku nga zanga ku fakwe umuntu.
54Lolosuku lwa lu ngolokulungisa; iSabata la sondela.
55Abesifazana abeza naye be vela eGalile ba landela, ba bona ituna, nokubekwa kwesidumbu sake.
56Ba buya ba lungisa amaka namafuta; ba pumula ngeSabata njengomteto.