1ESA puma etempelini, omunye kubafundi bake wa ti kuye, Mfundisi, bheka lamatye, na lokukwaka.
2uJesu wa pendula wa ti kuye, U ya bona lokukwaka okukulu na? A li yi kushiywa itye pezu kwetye eli nga yi kuwiswa pansi.
3Se e hlezi entabeni yemihlwati pambi kwetempeli, oPetro, noJakobe, noJohane, noAndrea, ba m buza be bodwa,
4Ba ti, Si tyele loku ko ba nini na? nesiboniso so ba ini, lapo ku za kupelela konke loku?
5uJesu wa pendula, wa qala ukuti, Bhekani, ni ngedukiswa muntu;
6Ngokuba abaningi ba ya kuza ngegama lami, be ti, Ngi nguKristu; ba ya kwedusa abaningi.
7Nxa ni zwa ukulwa nodumo lokulwa, ni ngetuki; ku ya kuba kona loku kepa ukupela a ku ka bi ko.
8Isizwe si ya kuvukela isizwe, umbuso u ya kuvukela umbuso; ku ya kuba kona ukuzamazama komhlaba izindawo, ngezindawo ku be kona indhlala nezinhlupeko. Lezizinto zi ukuqala kwezinsizi.
9Xwayani nina, ngokuba ba ya kuninikela emacaleni; ni ya kutyaywa ezindhlini zokusonta; ni ya kumiswa pambi kwababusi namakosi ngenxa yami, ku be ubufakazi kubo.
10Ivangeli li ya kushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.
11Kodwa nxa be ni hola, ba ni nikele, ni nga kataleli pambili eni ya kukushumayela, ni nga zindhli; kodwa loko eni ya kunikwa nga lesosikati, ni ku shumayele; a si nina eni shumayelayo, kepa uMoya o ingcwele.
12Umuntu u ya kunikela umfo wabo ekufeni, uyise u ya kunikela umntwana; abantwana ba ya kuvukela abazali babo, ba ba bulale.
13Ni ya kuzondwa abantu bonke ngegama lami; kodwa omiyo ku ze ku be sekupeleni wo sindiswa.
14Nxa ni bona isinengiso sencitakalo, esa shunyayelwa uDanyeli umprofeti, si mi lapo ku nga fanele, (ofundayo a ke zwisise,) kona aba seJudia ma ba balekele ezintabeni.
15O pezu kwendhlu a ngehli a ye endhlini, a nga ngeni ukutabata uto endhlini yake.
16Na lowo o sendhle a nga buyeli emva ukutabata ingubo yake.
17Au kwabakulelweyo, nabancelisayo nga lezozinsuku.
18Nxusani ukuba ukubaleka kwenu ku nga bi ebusika.
19Ngokuba ko ba kona nga lezozinsuku ukuhlupeka, oku ngezanga ku be kona okunjalo, iloku kwa dabuka izwe, ela datyulwa uTixo, ku ze ku be manje, noku nga sa yi kuba kona.
20Uma iNkosi i nga ncipisanga lezozinsuku, ku nge sindiswe umuntu; kepa ngabaketiweyo, e ba ketileyo, i zi ncipisile lozozinsuku.
21Uma umuntu e ti kini, Bhekani, Nangu uKristu, nokuti nanguya, ni nga kolwa.
22Ngokuba ba ya kuvela oKristu bamanga, nabaprofeti bamanga, ba veze izibonakaliso nemimangaliso yokwedukisa nabaketiweyo, uma ku ngenzeka.
23Qapelani; bhekani, se ngi ni tyelile konke ngapambili.
24Kodwa nga lezozinsuku, emva kokuhlupeka, ilanga li ya kufipala, nenyanga a i yi kukanya.
25Nezinkanyezi zezulu zi ya kuwa, namandhla a sezulwini a ya kuzanyazanyiswa.
26Kona ba ya kubona iNdodana yomuntu i za ngamafu i namandhla amakulu nobukosi.
27Kona i ya kutuma izingelosi zayo, i bute abaketiweyo bake, be vela emimoyeni emine, ku suka emkaulweni womhlaba ku ze ku fike emkaulweni wezulu.
28Fundani umfanekiso womkiwane; uma igatya li sa tambile e hluma amaqabunga, ni yazi li seduze ihlobo.
29Njalo, nxa ni bona lezizinto zi fika, nazi ku seduze, ku semnyango.
30Ngi qinisile ngi ti kini, Lesisizukulwane a si yi kudhlula, ku nga kenzeki loku konke.
31Ku ya kudhlula izulu nomhlaba, kodwa amazwi ami a ka yi kudhlula.
32Kepa lolosuku na lesosikati ka kwazi umuntu, qa, nezingelosi za sezulwini, neNdodana, uBaba kupela.
33Bhekani, ni linde, ni kuleke, ngokuba ni nga sazi isikati ukuba si ya kuba nini.
34Ku njengomuntu owa hambela kwelinye izwe, wa shiya indhlu yake, wa zi nika izinceku zake amandhla, wa i nika ileyo umsebenzi wayo, wa yala umlindi womnyango ukuba a linde.
35Lindani, ngokuba ni ngazi ukuba umninindhlu u ya kufika nini, noma kusihlwa, noma pakati kobusuku, noma ku sekukaleni kwequde, noma kusasa;
36Funa a fike ni ngazelele, a ni fumane ni lele.
37Loku engi ku tyo kinina, ngi ku tyo kubo bonke, Lindani.