1EMVA kwezinsuku ezimbili kwa ba kona ipasika, nesinkwa esi nge namvubelo: abapristi abakulu nababali ba funa ukuba benze njani ba m bambe ngecebo, ba m bulale.
2Kepa ba ti, Ku nga bi emhlanganweni, funa ku be kona ukuxokozela kwabantu.
3E se kona eBetani, endhlini ka Simone ilepero, e se hlezi ekudhleni, kwa fika umfazi, e pete umfuma wamafuta, inardi lodwa, eli nenani elikulu, wa bulala umfuma wa tela amafuta awo ekanda lake.
4Kepa abanye ba cunuka, ba ti, Lawa amafuta a citelwani na?
5Loku nga ku tengwe ngawo imali eningi ku nodenario abamakulu amatatu, kwa piwa abampofu. Ba m sola.
6uJesu wa ti, M yekeni; ni m katazelani na? u sebenzile umsebenzi omuhle kimina.
7Ni nabampofu ngesikati sonke, uma ni tanda ni nga ba pata kahle; kodwa a ni nami ngesikati sonke.
8Wenzile a nga kwenzayo; u fike ngapambili ukugcoba umzimba wami, u mbelwe.
9Ngi qinisile, ngi ti kini, Ezweni lonke lapo lelivangeli li za kushunyayelwa kona ku za kushunyayelwa naloku a kwenzileyo lomfazi, ku be isikumbuzo ngaye.
10uJuda uIskariote, omunye kwaba ishumi nambili, wa ya kubapristi abakulu, ukuba a m nikele kubo.
11Be zwa ba jabula, ba m etembisa, ba ti ba za kumnika imali. Wa funa isikati esihle a nga m nikela ngaso.
12Ngosuku lokuqala lwesinkwa esi nge namvubelo, lapo kwa hlatywa ipasika, abafundi bake ba ti kuye, U tanda ukuba si ye si lungiselepi, ukuze u dhle ipasika na?
13Wa tuma ababili kubafundi bake, wa ti kubo, Hambani ni ye emzini, ni ya kuhlangana nomuntu e pete isitya samanzi; m landeleni.
14Lapa e ngena kona, ni ti kumninindhlu, Umfundisi u ti, Ipi indhlu lapa ngi nga dhla kona ipasika nabafundi bami?
15U ya kunibonisa indhlu enkulu, e pezulu, endhlelwe, i lungile; ni si lungisele kona.
16Abafundi bake bemuka ba fika emzini, ba fumana njengokutyo kwake kubo; ba lungisa ipasika.
17Kusihlwa wa fika naba ishumi nambili.
18Se be hlezi be dhla, uJesu wa ti, Ngi qinisile ngi ti kini, Omunye kini u ya kunginikela.
19Ba qala ukudabuka, ba ti kuye ngabanye, Imina na? nomunye, Imina na?
20Wa pendula wa ti kubo, Omunye kwaba ishumi nambili o ka kanye nami esityeni.
21Nembala, iNdodana yomuntu i ya ya njengokulotyiweyo ngayo; kodwa nako ku lomuntu, iNdodana yomuntu e nikelwa uye! nga ku kuhle ku lomuntu uma e nga zalwanga.
22Be sa dhla, uJesu, wa tabata isinkwa, wa bonga, wa si hlepula, wa ba nika, wa ti, Tabatani, ni dhle; loku ku umzimba wami.
23Wa tabata nesitya, wa bonga, wa ba nika; ba puza kuso bonke.
24Wa ti kubo, Loku ku igazi lami lesivumelwano esitya, eli palazelwa abaningi.
25Ngi qinisile ngi ti kini, A ngi sa yi kupuza isitelo sevini, ku ze ku fika lolosuku, engi za kusipuza ngalo, si sitya embusweni ka Tixo.
26Se be vumile igama, ba puma ba ya entabeni yemihlwati.
27uJesu wa ti kubo, Nina nonke ni ya kucunuka ngami nga lobubusuku; loku ku lotyiwe okuti, Ngi ya kutyaya umalusi, izimvu zi ya kuhlakazeka.
28Kepa ngasemva kokuvuka kwami, ngi ya kuhamba ngapambili kwenu, ngi ye eGalile.
29uPetro wa ti kuye, Nokuba bonke be cunuka, a ngi yi kucunuka mina.
30uJesu wa ti kuye, Ngi qinisile ngi ti kuwe, Namhla nje, nga lobubusuku, li nga ka kali kabili iqude, wo ngi pika katatu.
31Wa qinisa wa ti, Nokuba ngi fa nawe, a ngi, yi kukupika. Ba tyo njalo bonke.
32Ba fika endaweni e tiwa iGetsemane; wa ti kubafundi bake, Hlalani lapa ngi ye kukuleka.
33Wa tabata uPetro, noJakobe, noJohane, wa qala ukudabuka nokuba nomunyu.
34Wa ti kubo, Umpefumlo wami u dabukile kakulu ku ze ku be sekufeni; hlalani lapa, ni linde.
35Wa qubeka incozana, wa wa pansi, wa kuleka ukuba ku dhlule kuye lesosikati, uma ku ngenzeka.
36Wa ti, Abba Baba, konke ku ngenzeka kuwe; a ku suse lesisitya kimi; kepa a ku nga bi ngokutanda kwami a ku be ngokwako.
37Weza wa ba fumana be lele, wa ti kuPetro, Simone, u lele na? u be u nge linde ihora li be linye na?
38Lindani ni kuleke, ukuba ni nga ngeni ekulingweni; umoya u ya vuma, kodwa inyama i butakataka.
39Wa buya wemuka wa kuleka, e shumayela lawamazwi.
40Se e buyile wa ba fumana be lele futi; ngokuba amehlo, abo a e nzima, ba be nge nakumpendula.
41Weza ngokwesitatu, wa ti kubo, Ni sa lele, ni pumula na? kwanele, isikati si fikile, bhekani, iNdodana yomuntu; i nikelwa ezandhleni zezoni.
42Sukani, si hambe; nangu o ngi nikelayo e sondele.
43Kona masinyane, e sa shumayela, kwa fika uJuda, omunye kwaba ishumi nambili, e nabantu abiningi, be pete izinkemba nezinduku, be vela kubapristi abakulu, nababali, namalunga.
44O m nikelayo wa e ba nike isiboniso sokuti, Uyena engi ya kumanga; m bambeni, ni hambe naye, ni m qinise.
45Se e fikile, wa ya kuye masinyane, wa ti, Rabi, Rabi; wa manga.
46Ba beka izandhla pezu kwake, ba m bamba.
47Omunye kwabemiyo wa kipa inkemba, wa galela inceku yompristi omkulu, wa nquma indhlebe yayo.
48uJesu wa pendula wa ti kubo, Ni pume nezinkemba nezinduku ukungibamba, ngokungati ngi umpangi.
49Be ngi nani imihla yonke etempelini, ngi fundisa, a ni ngi bambanga; kepa nga ku gcwaliseka imibalo.
50Ba m shiya bonke, ba baleka.
51Kepa enye insizwa ya m landela, yembete ingubo emzimbeni; za i bamba izinsizwa.
52Ya i shiya ingubo, ya balekaze ye muka.
53Ba m yisa uJesu kumpristi omkulu; ba butana kuye abapristi bonke abakulu, namalunga, nababali.
54uPetro wa m landela e kude, wa za wa fika esigodhlweni sompristi omkulu; wa hlala nezinceku, ota emlilweni.
55Abapristi abakulu nompakati wonke ba funa ubufakazi ngoJesu, ukuba ba m bulale; a ba bu fumanga.
56Abaningi ba qinisa amanga ngaye, kepa ukuqinisa kwabo a kwa hlangana.
57Kwa suka abanye ba m qambela amanga, be ti,
58Si m zwile e ti, Ngi ya kulicita lelitempeli elenziwa ngezandhla, ngi buye ngi lake elinye, eli ngenziwa ngezandhla, ngezinsuku ezintatu.
59Nokuba ku njalo ukuqinisa kwabo a kwa hlangana.
60Wesuka umpristi omkulu wema pakati kwabo, wa buza uJesu ngokuti. A u penduli luto na? laba ba qinisani ngawe na?
61Wa tula, e nga penduli luto. Umpristi omkulu wa buya, wa m buza, wa ti, U nguKristu, iNdodana yobongekayo na?
62uJesu wa ti, Ngi uye; ni ya kubona iNdodana yomuntu i hlezi ngakwesokunene samandhla, i za ngamafu ezulu.
63Kona umpristi omkulu wa hxebula izingubo zake, wa ti, Si sa funelani abanye ofakazi na?
64Se ni ku zwile lokukutuka. Ni tini na? Ba m lahla bonke, ba ti, u fanele ukufa.
65Abanye ba qala ukumfela ngamate, ba m gubuzela, ba m tyaya, ba ti kuye, profeta: izinceku za m mukula.
66uPetro wa e sesigodhlweni ngapansi, kwa fika intombazana yompristi omkulu.
67I m bona uPetro ota, ya m bheka, ya ti, Wena wa u naye uJesu wa seNazareta.
68Kodwa wa pika, e ti, A ngazi; a ngi ku zwisisi o ku tyoyo. Wa pumela egumeni, la kala iqude.
69Intombazana ya buya ya m bona; ya qala ukuti kwabemiyo kona, Lo u ngowa kubo.
70Wa buya wa pika. Ngasemva kwesikatyana, abemiyo kona ba buya ba ti kuPetro, Nembala u ngowa kubo; u ngowa seGalile, nokukuluma kwako ku fana nokwabo.
71Kona wa qala ukutuka nokufunga, wa ti, A ngi m azi lomuntu eni kuluma ngaye.
72Iqude la kala ngokwesibili. uPetro wa kumbula izwi uJesu a be li tyilo kuye, lokuti, Li nga ka kali kabili iqude, wo ngi pika katatu: Se e zindhle loko wa kala.