1WEMUKA lapo, weza ezweni la kubo; abafundi bake ba m landela.
2Se ku fike isabata, wa qala ukushumayela endhlini yokusonta; abaningi abezwayo ba mangala ba ti, Ku velapi loku a nako na? ukuhlakanipa kuni a nikwe kona na? nemisebenzi emikulu engaka yenziwe izandhla zake?
3Lo a siye umbazi na? indodana ka Maria, umfo wabo ka Jakobe, noJose, noJuda, noSimone? nodade wabo, ka ba ko lapa kiti na? Ba cunuka ngaye.
4Kepa uJesu wa ti kubo, Umprofeti ka delwa, kupela ezweni la kubo, na sezihlotyeni zake, na sendhlini yake.
5A ka ba nakwenza umsebenzi omkulu lapo, wa beka izandhla pezu kwabagulayo aba incozana, wa ba pilisa, kupela.
6Wa mangala ngokungakolwa kwabo. Wa dabula imizi ya kona, e fundisa.
7Wa biza aba ishumi nambili, wa qala ukubatuma ngababili, wa ba nika amandhla okuba ba kipe omoya ababi.
8Wa ba yala ukuba ba nga pati uto lwendhlela, kupela udondolo lodwa; ba nga pati nasikwama, nakudhla, namali ebandeni:
9Kodwa ba fake izicatulo; ba ngambati izingubo ezimbili.
10Wa ti kubo, Indhlu eni ya kungena kuyo, hlalani lapo, ni ze ni muke kona.
11Aba nga namkeliyo, naba nga ni zwayo, nxa ni muka kona, ni tuntute utuli olu pansi kwezinyawo zenu, ku be iqiniso kubo. Ngi qinisile ngi ti kini, Ku ya kuba lula eSodoma neGomora ngosuku lokwahlula, ku na ku lowomuzi.
12Ba puma, ba ya ba shumayela, be ti, abantu ma ba penduke.
13Ba kipa amademone amaningi, ba gcoba ngamafuta abaningi abagulayo, ba ba pilisa.
14Inkosi uHerodi yezwa (la li dumile igama lake), ya ti, uJohane umbapatizi u vukile kwabafileyo, ku ngaloko imisebenzi emikulu i setyenzwa uye.
15Abanye ba ti, U nguElija; abanye ba ti, U ngumprofeti, njengomprofeti.
16Kodwa uHerodi, e ku zwa, wa ti, Uyena uJohane, e nga m nquma ikanda; u vukile kwabafileyo.
17Yena uHerodi wa be e tumele, wa m bamba uJohane, wa m faka etilongweni ngaye uHerodia, umka Filipu, umfo wabo, wa e ganiwe uye.
18uJohane wa be e ti kuHerodi A ku fanele wena u be nomka mfo wenu.
19uHerodia wa m nxamela e tanda ukumbulala, kodwa wahluleka.
20Ngokuba uHerodi wesaba uJohane, e m azi ukuba umuntu olungileyo nongcwele; wa m gcina, e mu zwa wa zenza izinto eziningi, wa mu zwa ngokujabula.
21Se ku fike usuku olulungileyo, uHerodi ngosuku lokuzalwa kwake, wa benzela ukudhla izikulu zake, nezinduna, nabanumzana ba seGalile.
22Ya ngena intombazana ka Herodia, ya sina, ya m tokozisa uHerodi naba be hlezi naye; inkosi ya ti kuyo intombazana, Cela kimi o ku tandayo, ngi ya kukunika kona.
23Wa funga kuyo e ti, Loko o ya kukucela kimi, ngi ya kukunika, noma ku inxenye yombuso wami.
24Ya puma ya ti kunina, Ngi za kucelani na? Wa ti, Ikanda likaJohane umbapatizi.
25Ya se i tyetya ya ngena enkosini, ya cela, ya ti, Ngi tanda ukuba u ngi pe kona manje esityeni ikanda lika Johane umbapatizi.
26Inkosi ya dabuka kakulu; kepa, ngesifungo na ngabo aba be hlezi naye, a i tandanga ukuilandulela.
27Inkosi ya se i tuma ibuto, ya li tyela ukuba ku letwe ikanda lake; lona la hamba la m nquma ikanda etilongweni;
28La leta ikanda lake ngesitya, la li nika intombazana; ya li nika unina.
29Se be ku zwile abafundi bake, beza ba tabata isidumbu sake, ba si beka etuneni.
30Abapostoli ba butana kuJesu, ba m tyela konke aba be kwenzile naba be ku fundisile.
31Wa ti kubo, Yizani nina nodwa endaweni e ihlane, ni pumule incozana; ba be baningi aba be fika, naba be muka, ba be nge nasikati sokudhla.
32Bemuka ba ya endaweni e ihlane, be bodwa.
33Abantu ba ba bona be muka, abaningi ba m azi, ba gijimela kona ngezinyawo be puma emizini yonke, ba ba dhlula ba butana kuye.
34uJesu se e pumile, wa bona abantu abaningi, wa ba haukela, be be njengezimvu ezi nge namalusi; wa qala ukubafundisa kakulu.
35Se ku dhlulile usuku, abafundi bake beza kuye, ba ti, Ku sehlane lendawo usuku se lu dhlulile;
36Ba mukise, ba ye emazweni a ngakona, na semizini, ba zitengele ukudhla, ngokuba be nge nanto yokudhla.
37Wa pendula wa ti kubo, Ba peni nina, ba dhle. Ba ti kuye, Si za kuya, si tenge izinkwa ngodenario abamakulu amabili, si ba pe, ba dhle na?
38Wa ti kubo, Zi ngaki izinkwa eni nazo na? hambani ni bone. Se be zazi ba ti, Zi isihlanu, nezinhlanzi ezimbili.
39Wa ba tyela, ukuba ba ba hlalise bonke ngamabandhla otyanini obuluhlaza.
40Ba hlala ngamaviyo, ngamakulu na ngamashumi amahlanu.
41Wa tabata izinkwa ezi izihlanu nezinhlanzi ezimbili, wa bheka ezulwini, wa bonga, wa hlepula izinkwa, wa ba nika abafundi bake, ukuba ba zi beke pambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wa zabela bonke.
42Ba dhla bonke be suta.
43Ba buta amaqoma a ishumi nambili e gcwele imvutuluka eseleyo, nawezinhlanzi.
44Labo aba be dhla izinkwa ba be izinkulungwane ezi isihlanu amadoda.
45Wa se e quba abafundi bake, ukuba ba ngene emkunjini, bandulele ukuya ngapesheya nga seBetsaida, yena e sa mukisa abantu.
46Se e ba mukisile, wemuka wa ya entabeni ukuba a kuleke.
47Se ku hlwile, umkumbi wa u pakati kolwandhle, e yedwa yena emhlabatini.
48Wa ba bona be hlupeka ngokugwehla, ngokuba umoya u pambene nabo. Ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo, e hamba pezu kolwandhle, wa e ya kubadhlula.
49Se be m bonile e hamba pezu kolwandhle, ba ti itongo, ba kala.
50Ba m bona bonke, betuka. Wa se e kuluma nabo, wa ti kubo, Yimani isibindi, imina, ni ngesabi.
51Wa kupukela kubo emkunjini; umoya wa tula; betuka, ba mangala nokumangala impela.
52Ba be nga qondile isimangaliso sesinkwa, ya i nge nakuzwa inhliziyo yabo.
53Ba wela, beza ezweni la seGenesareta, ba sondela ogwini.
54Se be pumile emkunjini, ba m azi.
55Ba gijimela ezweni lonke la ngakona, ba qala ukutwala ngemibede abagulayo, ba ba yisa lapo be mu zwa e kona.
56Lapa wa ngena kona, emizaneni, na semizini, na semazweni, ba beka abagulayo ezindhleleni, ba m ncenga ukuba ba pate umpeto nje wengubo; abampatayo ba sindiswa.