1KWA kona ukukala okukulu kwabantu nabafazi babo, be sola abangane babo abaJuda.
2Ngokuba ba ti abanye, Tina nabafana betu namantombazana etu, si baningi, ma si tenge ngabo amabele si dhle si pile.
3Abanye ba ti amazwe etu, nezivini zetu nezindhlu zetu si tembisile ngazo, ukuze si tenge amabele, ngenxa yendhlala.
4Abanye ba ti si tyelekile imali yokutela enkosini, sa tembisa ngamazwe etu nezivini zetu.
5Kepa namhla imizimba yetu i njengemizimba yabafo wetu, abantwana betu ba njengabantwana babo; bekani si nikela abafana betu, namantombazana etu ba be izigqili yebo amanye amantombazana etu a se nikelwe a si nakwenza luto; ngokuba amazwe etu nezivini zetu se ku okwabanye abantu.
6Nga ti ukuzwa ukukala kwabo nalawa mazwi nga tukutela kakulu.
7Inhliziyo yami ya qonda nga kulumisana nezikulu nababusi nga ti kubona, Nina nonke ni ya ba dhla abafo wenu ngokubanga amacala. Nga misa ibandhla elikulu elipambene nabo.
8Nga ti kubo, Tina njengamandhla etu, si ba hlengile abafo wetu abaJuda, aba be tengisile kwabezizwe; po ni ya tengisa ngabafo wenu na? ba ya kutengiswa kitina na? kona ba tula be nge nakupendula.
9Futi nga ti, a ku lungile loku e ni kwenzayo; nga ni nga hambi ngokumesaba uTixo wetu ngenxa yokuduka kwabezizwe, izita zetu na?
10Nami, nabafo wetu, nezinceku zami, si bizile kubona imali namabele; ngi ya ni ncenga a si yeke lawa macala.
11Ma ni buyisele kona namhlanje, amazwe abo, nezivini zabo, nezihlwati zabo, nezindhlu zabo, nokwekulu kwemali, nokwamabele, newaini namafuta e na bapuca kona.
12Ba ti, Si ya kukubuyisa kubona; si ya kwenza njengokutyo kwako. Kona nga ba biza abapristi, nga ba fungisa, ukuba benze njenga lelizwi.
13Futi nga vutulula ingubo yami, nga ti, uTixo ma ka ba vutulule kanjalo bonke ezindhlini zabo, na semfuyweni yabo, aba nga li gciniyo lelizwi ma ba vutululwe kanjalo ba be ize. Ibandhla lonke la ti, Ameni, ba m bonga uJehova. Abantu benza njengalo lelizwi.
14Iloku nga miswa ngi be umbusi wabo ezweni labaJuda, ku qala ngomnyaka wamashumi amabili kwa za kwa ba umnyaka wamashumi amatatu nambili ka Artasasta inkosi ukuti iminyaka e ishumi nambili, a si bonanga si dhla ukudhla kombusi, mina nabafo wetu.
15Kepa, ababusa kuqala, ngi nga ka miswa ba be hlupa abantu, ba tabata kubo izinkwa newaini nga pandhle kwamashekeli esiliva a nga mashumi mane; yebo, nazo izinceku zabo za busa abantu kepa mina a ngenzanga njengabo ngokuba nga mesaba uTixo.
16Nga bambelela emsebenzini wa loludonga, a si tenganga izwe; zonke izinceku zami za butana kona emsebenzini.
17Kwa ku kona etebuleni lami, abaJuda nababusi aba ikulu namashumi a isihlanu, ngapandhle, kwa laba aba be zile kitina, be vela ezizweni ezi kona.
18Loku e nga ku lungiselayo imihla ngemihla kwa ku inkabi, nezimvu ezi isitupa ezi ketiweyo futi nga lungiselwa izinkuku nezinhlobo zonke zewaini, kanye ezinsukwini ezi ishumi; nokuba kwa ku njalo nga ngi nga dingi ukudhla kombuso, ngokuba lababantu ba be cindezekile ngokutela kwabo.
19Ngi kumbule, Tixo wami, ngomusa, njengokwenza kwami ku laba bantu.