1UJEHOVA wa kuluma kuMosi ehlane laseSinai e setabanekeleni lenhlangano ngosuku lokuqala, lwenyanga yesibili, ngomnyaka wesibili se be kupukile, ezweni lasEgipite, e ti,
2Bala umumo wenhlangano yonke yabakwa Israeli, ugemindeni yabo, ngezindhlu za oyise, umumo wamagama abo isilisa sonke ngezinhloko zaso.
3Ku qale kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu, bonke aba nga ya empini ba kwa Israeli: wena noAroni no ba bala ngezimpi zabo.
4Ko ba kona kini indoda ezizweni zonke, ku be ilowo a be inhloko endhlini ka yise.
5Lawa a ngamagama amadoda a ya kuma nani; esizweni sakwa Rubeni, u Elizuri indodana ka Shaduri.
6Kwa Simeoni, uShalumieli, indodana ka Zurishadi.
7Kwa Juda, uNashoni indodana ka Aminadabi.
8Kwa Isakari, uNataneli indodana ka Zuari.
9Kwa Zebuloni, uEliabi indodana ka Heloni.
10Kubantwana ba ka Josefa, kwa Efraimi, uElishama indodana ka Amihudi: kwa Manasa uGamalieli indodana ka Pedazuri.
11Kwa Benjamini, uAbidani indodana ka Gideoni.
12Kwa Dani, uAhieza indodana ka Amishadai.
13Kwa Asheri, uPagieli indodana ka Okrani.
14Kwa Gadi, uEliasafu indodana ka Deueli.
15Kwa Naftali, uAhira indodana ka Enani.
16Laba ba be abadumileyo benhlangano, amakosi ezizwe za oyise, ababusi pezu kwezinkulungwane za kwa Israeli.
17oMosi noAroni ba tata lamadoda a tyiwo ngamagama awo.
18Bona ba hlanganisa ibandhla lonke, ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili, ba tyo okoko babo ngemindeni yabo, ngezindhlu za oyise njengomumo wamagama abo ku suke kwa ba neminyaka emashumi mabili, naba ne ngapezulu, ugezinhloko zabo.
19Njengokutyo kuka Jehova ku Mosi wa ba bala ehlane lase Sinai.
20Aba kwa Rubeni izibulo lika Israeli ngezizukulwana zabo, ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo, ngezinhloko zabo, abesilisa bonke kuqala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu, bonke aba be nga ya empini.
21Labo ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Rubeni ba be izinkulungwane ezi amashumi amane nesitupa namakukulu a isihlanu.
22Kwa ba kwa Simeoni ngezizukulwane zabo, ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise, labo ababalwayo kubo njengomumo wamagama abo, ngezinhloko zabo, abesilisa bonke ku qala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini.
23Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Simeoni, ba be izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu nesishiyagalombili namakulu amatatu.
24Kwa ba kwa Gadi, ngezizukulwane zabo, ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise, njengomumo wamagama abo, kuqala kwa ba neminyaka emashumi mabili bonke aba be nga ya empini.
25Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Gadi, ba be izinkulungwane ezi amashumi amane nesihlanu namakulu a isitupa namashumi a isihlanu.
26Kwa ba kwa Juda, ngezizukulwane zabo, ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise, njengomumo wamagama abo kuqala, kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke ba be nga ya empini.
27Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Juda, ba be izinkulungwane ezi amashumi a isitupa nane namakulu a isitupa.
28Kwa ba kwa Isakari ngezizukulwane zabo ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo kuqala, kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini.
29Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Isakari, ba be izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu nane namakulu amane.
30Kwa ba kwa Zebuloni, ngezizukulwana zabo ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo, kuqala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be ya empini:
31Laba ababalwayo besizwe sa kwa Zebuloni ba be izinkulungwane ezi amashumi a isikombisa nesikombisa namakulu amane.
32Kwa ba kwa Josefa, o ku ukuti kwa ba kwa Efraimi ngezizukulwana zabo, ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo ku qala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini;
33Labo ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Efraimi, ba be izinkulungwane ezi amashumi amane namakulu a isihlanu.
34Kwa ba kwa Manasa, ngezizukulwana zabo, ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo kuqala kwa ba be neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini.
35Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Manasa ba be izinkulungwane ezi amashumi amatatu nambili namakulu amabili.
36Kwa ba kwa Benjamini, ngezizukulwana zabo, ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo kuqala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini.
37Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Benjamini, ba be izinkulungwane ezi amashumi amatatu nesihlanu namakulu amane.
38Kwa ba kwa Dani, ngezizukulwana zabo ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo, ku qala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be ya empini.
39Labo ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Dani, ba be izinkulugwane ezi amashumi a isitupa nambili namakulu a isikombisa.
40Kwa ba kwa Asheri ngezizukulwana zabo ngemindeni yabo ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo kuqala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu, bonke aba be nga ya empini.
41Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Asheri, ba be izinkulungwane ezi amashumi amane nanye namakulu a isihlanu.
42Kwa ba kwa Naftali, ngezizukulwana zabo, ngemindeni yabo, ngendhlu ya oyise njengomumo wamagama abo kuqala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini.
43Laba ababalwayo kubo a besizwe sa kwa Naftali, ba be izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu nantatu namakulu amane.
44Laba i labo aba balwa uMosi noAroni nabakulu ba kwa Israeli, amadoda a ishumi nambili ku i leyo i mele indhlu ya oyise.
45Njaloke bonke laba ababalwayo kwa ba kwa Israeli, ngendhlu ya oyise, ku qala kwa ba neminyaka emashumi mabili naba ne ngapezulu bonke aba be nga ya empini.
46Bonke ababalwayo ba be izinkulungwane ezi amakulu a isitupa nantatu namakulu a isihlanu namashumi a isihlanu.
47Kodwa abaLevi, ngesizwe sa oyise a ba balwanga pakati kwabo,
48Ngokuba uJehova wa be e tyilo ku Mosi, ukuti,
49A wu yi kubala isizwe sa kwa Levi, u nga wu bali umumo waso pakati kwa ba kwa Israeli.
50U ya kuba misela abaLevi itabanekele lemiteto nezitya zonke zalo, nezinto zonke zalo; ba ya kulitwala nazo zonke izitya zalo; ba li konze, ba ya kumisa ba li haqe itabanekele.
51Ekusukeni kwetabanekele abaLevi ba ya kulisusa, ekumisweni kwalo li ya kumiswa abaLevi. O wezizwe o sondelayo u ya kubulawa.
52Abakwa Israeli ba ya kumisa amatente abo, ku be i lowo kwa ba kubo, ku be i lowo ngesibonakaliso sakubo ngamabandhla abo.
53Kodwa abaLevi ba ya kumisa ba haqe itabanekele lemiteto ukuba ku nga bi ko ulaka ebandhleni laba kwa Israeli, AbaLevi ba ya kugcina itabanekele lemiteto.
54Abakwa Israeli benza njengako konke uJehova a kutyo kuMosi, benze njalo.