1UJEHOVA wa kuluma kuMosi na kuAroni, e ti,
2Loku ku ukucasisela komteto o yalezwe nguJehova, e ti, Kuluma kubantwana baka Israeli, ba ku letele isitole esibomvu esi nge nabala, esi nge nansolo, esi nga laziyo nakanye ijokwe.
3Ni si nike uEleazari umpristi, a si lete ngapambi kwekamu, omunye a si bulale ngapambi kobuso bake:
4uEleazari umpristi a tate igazi laso ngomunwe, a fafaze ngalo ka kombisa kona ngapambi kwetabanekele lebandhla:
5Nomunye a si tyise isitole ebusweni bake; isikumba, nenyama, negazi, nobulongwe, a ku tyise konke.
6Nompristi a tate umuti wesedare, nowehisope, nokubomvu, a ku ponse pakati lapo ku ya kona isitole.
7Umpristi a hlanze izingubo zake, a geze umzimba wake ngamanzi, na ngasemuva a ngene ekamu, umpristi a be ongcolileyo ku ze ku hlwe.
8No si tyisayo a hlanze izingubo zake ngamanzi, nomzimba wake a u geze ngamanzi, a be o ngcolileyo ku ze ku hlwe.
9Umuntu ohlambulukileyo u ya kuwubuta umlota wesitole, a wu beke ngapandhle kwekamu, endaweni e hlanzekileyo, u ngcinelwe ibanhla laba kwa Israeli u be isahlukaniso samanzi; ku ukuhlanjululwa kwesono.
10No wu butayo umlota wesitole u ya kugeza izingubo zake a be o ngcolileyo ku ze ku hlwe: loku ku be umteto omayo njalo kubantwana baka Israeli, na kuso isihambi esi hambelayo kubona.
11O si tintayo isidumbu somuntu ofileyo u ya kuba o ngcolileyo izinsuku ezi isikombisa.
12U ya kuzihlanza ngako ngosuku lwesitatu, na ngosuku lwesikombisa a be ngohlanzekileyo: kodwa uma e nga zihlanzile ngosuku lobutatu, u ya kuba o ngcolileyo na ngosuku lwesikombisa.
13O si tintayo isidumbu somuntu ofileyo, a nga zihlanzi, u ngcolisa itabanekele lika Jehova; na lowo mpefumulo u ya kunqunywa kwaIsraeli: ngokuba amanzi esahlukaniso a ka fafazangwa pezu kwake, u ya kuba o ngcolileyo; ukungcola kwake ku se pezu kwake.
14Loku ku umteto lapo umuntu efayo kutente, bonke aba ngena kona, naba hlezi kona ba ya kuba aba ngcolileyo izinsuku ezi isikombisa.
15Nezitya zonke ezivulekileyo ezi nge nazo izivalo ezi botywe kuzo, zi ngcolile.
16Notintayo o bulewe inkemba endhle, noma isidumbu somuntu, noma itambo lomuntu, noma ituna, u ya kuba o ngcolileyo izinsuku ezi isikombisa.
17Ba tatele umuntu o ngcolileyo umlota wesitole esityileyo wokuhlanjululwa wesono, namanzi a gijimayo a bekwe kona esityeni.
18Nohlambulukileyo a tate ihisope, a li cwilise emanzini, a li fafaze pezulu kutente, na pezu kwazo zonke izitya, na kubantu a ba be kona, na kuyena o li tintileyo itambo, noma obuleweyo, noma ofileyo, noma ituna:
19Nohlambulukileyo a fafaze o ngcolileyo ngosuku lwesitatu, na ngolwesikombisa: na ngosuku lwesikombisa a zi hlanze, a geze izingubo zake, a zi geze ngamanzi, a hlambuluke kusihlwa.
20Kodwa o ya kungcola, a nga zihlambululi lowo mpefumulo u ya kunqunywa kulo ibandhla, ngokuba u i ngcolisile indhlu e ingcwele ka Jehova: amanzi esahlukaniso a ka fafazwanga pezu kwake, u ngcolile.
21Ku be umteto njalo kubona, yena o fafaza amanzi esahlukaniso u ya kugeza izingubo zake; no wa tintayo amanzi esahlukaniso, u ya kuba o ngcolileyo kuze ku hlwe.
22Nako konke oku tintwa o ngcolileyo ko ngcola; no ku tintayo loko u ya kungcola ku ze ku hlwe.