1KWA se kuza amadodakazi ka Zelofehade, indodana ka Heferi, indodana ka Giladi, indodana ka Makiri, indodana ka Manasa, izindhlu za ba kwa Manasa indodana ka Josefa: Lawa amagama amadodakazi ake; uMala, noNoa, noHogla, noMilka, noTirza.
2Bema ngapambi kuka Mosi, na ngapambi kukaEleazari umpristi, na ngapambi kwamakosana nebandhla lonke, ngasemnyango wetabanekele lebandhla, be ti,
3uBaba wetu wa fa ehlane wa e ngeko ebandhleni laba be pambene noJehova ebandhleni lika Kora; kodwa wa fa ezonweni zake, e nge namadodana.
4Igama lika baba li pelelani kwa bendhlu yake na? ngokuba e nge nandodana na? si nikenike nati i fa kulo e labafo wabo ka baba.
5uMosi wa i leta ngapambi kuka Jehova indaba yabo.
6uJehova wa kuluma ku Mosi, wa ti,
7Amadodakazi ka Zelofehade a kuluma kahle: impela ma u ba nike ifa kwe labafo wabo ka yise, u buyisele ifa lika yise kubona.
8U kulume kubantwana baka Israeli, u ti, uma umuntu e fa, e nge nandodana ma ni buyisele ifa lake endodakazini.
9Uma e nge nayo indodakazi ifa lake, li nikeni abafo wabo.
10Uma e nge nabo abafo, li nikeni abafo wabo ka yise.
11Uma uyise e nge nabafo wabo ifa lake li nikeni isihlobo sake sa sendhlini yakwabo, sona si li fuye: ku ze ku be isimiso somteto kubo abakwa Israeli, njengesiyalezo sika Jehova kuMosi.
12uJehova wa ti kuMosi, Kupukela entabeni iAbarime, u bone izwe e ngi li nikileyo abakwa Israeli.
13Lapo se u li bonile, nawe u ya kubutelwa kubantu bakini, njengoAroni umfo wenu.
14Ngokuba na hlubuka esiyalezweni sami ehlane la se Zini, ekuxabaneni kwebandhla, uku ngenza ngcwele emanzini ngapambi kwamehlo abo: amanzi a se Meriba eKadeshi ehlane la se Zini.
15uMosi wa kuluma kuJehova, wa ti,
16uJehova, uTixo wemimoya yonke yenyama, ma ka mise umuntu pezu kwebandhla.
17O ya ku puma pambi kwabo, no ya kungena pambi kwabo a ba kipe, a ba ngenise; ukuze ibandhla lika Jehova li ngabi njengezimvu ezi nge namalusi.
18uJehova wa ti kuMosi, Tabata uJoshua indodana ka Nuni, umuntu o nomoya, u beke isandhla sako pezu kwake;
19U m mise ngapambi kuka Eleazari umpristi na ngapambi kwebandhla lonke; u m nike isiyalezo emehlweni abo.
20U beke udumo lwako pezu kwake, ukuze lonke ibandhla lakwa Israeli li m lalele.
21E me ngapambi kuka Eleazari umpristi, o ya kumcelela ubusiso ngapambi kuka Jehova ngokwabela kuka Urimi ngokutyo kwake ba ya kupuma, ba ngene, yena kanye nabo bonke aba kwa Israeli, nalo lonke ibandhla.
22uMosi wa senza isiyalezo sika Jehova wa tata uJoshua, wa m beka pambi kuka Eleazari umpristi, na ngapambi kwebandhla lonke:
23Wa beka izandhla zake pezu kwake, wa m nika isiyalezo, njengokutyo kuka Jehova ngesandhla sika Mosi.