1UJEHOVA wa kuluma kuMosi, wa ti,
2Yaleza abakwa Israeli, u ti kubona, Umnikelo wami, nesinkwa somhlabelo wami womlilo, okwepunga elimnandi kimina, ni ya kunikela kimi ngezikati zako.
3Uti futi kubona, Umnikelo womlilo e ni ya kuwunikela kuJehova; Amacwane amabili a nge nabala amnyaka munye imihla ngemihla njalo, kube umnikelo womlilo omayo njalo.
4Elinye icwane ni ya kulihlaba kusasa, nelinye kusihlwa;
5Nenxenye yeshumi yeefa lempupu li be umnikelo wokudhla, li xubene nenxenye yobune yehini lamafuta a gaiweyo.
6Loku ku umnikelo wokutyiswa omayo njalo, o wa miselwa u be ipunga elimnandi entabeni iSinai, umhlabelo womlilo ku Jehova.
7Nomnikelo wokupuza; kulo icwane linye u ya kuba inxenye yobune yehini, wenze ukuba iwaini eli namandhla li telelwe uJehova li be umnikelo wokupuza endaweni e ingcwele.
8Nelinye icwane ni li hlabe kusihlwa; li be umnikelo wokudhla wa kusasa, nowokupuza, ni ku nikele, umnikelo womlilo, wepunga elimnandi kuJehova.
9Na ngosuku lwesabata amacwane amabili a nge nabala amnyaka munye, nokweshumi kwempupu izilinganiswana ezimbili ku be umnikelo wokudhla, e xubene namafuta, nomnikelo wokupuza kwako:
10Loku ku umnikelo otyiswayo wamasonto onke, ngapandhle kwawo omayo njalo, nowake wokupuza.
11Nasekuqaleni kwezinyanga zenu, ni ya kunikela umnikelo otyiswayo kuJehova; izinkabi ezimbili ezintya nenqama, namacwane a isikombisa a nge nabalo amnyaka munye;
12Nokweshumi izilinganiso ezintatu zempupu ku be umnikelo wokudhla e xubene namafuta, enkabini inye; nokweshumi izilinganiso ezimbili zempupu umnikelo wokudhla, u xubene namafuta kuyo inqama inye;
13Nezinxenyana zezilinganiso zempupu e xubene namafuta kuwo umnikelo wecwane linye; ku be umnikelo wepunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
14Neminikelo yabo yokupuza i ya kuba inxenye yehini lewaini enkabini inye, nenxenye yesitatu yehini enqameni, nenxenye yobune ecwaneni, loku ku umnikelo wezinyanga njalo ngomnyaka wonke.
15Nezinyane lembuzi li nikelwe kuJehova li be umnikelo wesono, ngapandhle kweminikelo yonke etyiswayo, neyokupuza.
16Nangosuku lweshumi nane lwenyanga yokuqala lu ipasika lika Jehova.
17Nangosuku lweshumi nesihlanu lwayo lenyanga olokudhla; isinkwa esi nge nambiliso si dhliwe izinsuku ezi isikombisa,
18Ngosuku lokuqala ku be umhlangano o ingcwele; ni nga yenzi imisebenzi yenu ngalo;
19Kodwa ni ya kunikela umnikelo womlilo u be umnikelo otyisiweyo kuJehova; izinkabi ezimbili, ezintya nenqama inye, namacwane a isikombisa amnyaka munye: a za kuba kinina oku nge nabala:
20Nomnikelo wako wokudhla u ya kuba impupu i xubene namafuta okweshumi kwezilinganiso ezintatu ni nikele kwenye inkabi, nokweshumi kwezilinganiso ezibili kulo icwane;
21Nezinxenyana zesilinganiso u nikele ecwaneni linye, kuwo onke a isikombisa:
22Nembuzi inye, umnikelo wezono, ku be ukusindiswa kwenu.
23Ni nikele loku ngapandhle komnikelo wakusasa, ku be umnikelo otyiswayo omayo njalo.
24Kanjaloke ni nikele zonke izinsuku, kuzo ezi isikombisa, ukudhla komnikelo womlilo, o ipunga elimnandi kuJehova; ko nikelwa ngapandhle komnikelo otyisiweyo omayo njalo, nowokupuza.
25Na ngosuku lwesikombisa ni ya kuba nomhlangano o ingcwele; ni nga wenzi umsebenzi wenu wemihla,
26Futi ngosuku lwezitelo ezi ulibo, lapa ni letayo umnikelo omutya wokudhla kuJehova, e se pelile amasonto enu, ni be nomhlangano o ingcwele; ni nga wenzi umsebenzi wemihla:
27Kodwa ni wu nikele umnikelo u be ipunga elimnandi kuJehova; izinkabi ezimbili ezintya, inqama i benye, namacwane a isikombisa amnyaka munye;
28Nomnikelo wabo wempupu u xubene namafuta, izilinganiso ezintatu zempupu enkabini inye, izilinganiso ezimbili enqameni inye.
29Isilinganiso esincinyane ecwaneni linye, emacwaneni.
30Nelinye izinyane lembuzi, ni hlaule ngalo.
31Ni nikele lona ngapandhle komnikelo otyiswayo omayo njalo, nowokudhla, (loko ku be kinina oku nge na bala) neminikelo yabo yokupuza.