1LEZI zi izizukulwane za oAroni noMosi ngosuku uJehova a kuluma ngalo noMosi e sentabeni ya seSinai.
2Lawa amagama amadodana ka Aroni, uNadabi izibulo, noAbihu, noEleazari noItamari.
3Lawa a amagama amadodana ka Aroni abapristi aba gcotywayo abazandhla zabo zi gcwalisa ukukonza.
4uNadabi noAbihu ba fa pambi kuka Jehova, lapa ba nikela umlilo ongalungile pambi kuka Jehova ehlane lase Sinai, ba be nge nabantwana. oEleazari noItamari ba konza ebusweni buka Aroni uyise.
5uJehova wa kuluma kuMosi, e ti,
6Sondeza isizwe sikaLevi u si mise pambi kuka Aroni umpristi ukuba si m konze.
7Bona ba ya kumgcinela ba gcinele nebandhla lonke pambi kwetabanekele lenhlangano ukukonza enkonzweni yetabanekele.
8Ba ya kugcina yonke impahla yetabanekele lenhlangano nokwa baka Israeli ukukonza enkonzweni yetabanekele.
9U ya kuba nikela abaLevi kuAroni na kumadodana ake; ba ya nikelwa impela kuye pakati kwa ba Israeli.
10U ya kumisa uAroni namadodana ake, bona ba ya kugcina inkonzo yobupristi, o wezizwe o sondelayo wo bulawa.
11uJehova wa kuluma kuMosi, e ti.
12Mina, bheka ngi kipile abaLevi pakati kwa ba kwa Israeli endaweni yamazibulo onke a zityulwa aba kwa Israeli: ngako abaLevi ba ya kuba abami.
13Ngokuba onke amazibulo a wami: ngosuku e nga tyaya ngalo onke amazibulo ezweni laseEgipite nga za hlukanisela onke amazibulo a kwaIsraeli abantu na wezilwane; a za kuba a wami, ngi uJehova.
14uJehova wa kuluma kuMosi e sehlane lase Sinai e ti,
15Bala aba kwa Levi ngendhlu ya oyise; ngemindeni yabo, bonke abesilisa: ku qala kwa ba nenyanga ngobudala, naba nga pezulu u ya ku ba bala.
16uMosi wa ba bala, njengezwi lika Jehova, njengokuyalwa kwake.
17Laba ba be amadodana ka Levi ngamagama abo, uGershoni noKohati noMerari.
18Lawa a ngamagama amadodana ka Gershoni ngemindeni yabo, uLibni noShimi.
19Namadodana ka Kohati ngemindeni yawo uAmramu noIzhari noHebroni no Uzieli.
20Namadodana ka Merari ngemindeni yawo; uMahli noMushi. Le imindeni ya kwa Levi, ngendhlu ya oyise.
21Kwa Gershoni, kwa vela umdeni waba Libni nomdeni wamaShimi: Le imindeni yamaGershoni.
22Labo ababalwayo kubo njengomumo wabesilisa ku qala kwa ba nenyanga ngobudala naba nga pezulu, ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi isikombisa namakulu a isihlanu.
23Imindeni ya kwa Gershoni i ya kumisa ngasemva kwetabanekele ngasentyonalanga.
24Induna yendhlu ka yise wamaGershoni i ya kuba uEliasafu indodana ka Laeli.
25Okwa gcinwa ngawo amadodana ka Gershoni etabanekeleni lenhlangano, kwa ba itabanekele, netente loku li mboza, nesipanyiso somnyango wetabanekele lenhlangano.
26Nezipanyiso zebala, nesipanyiso somnyango webala, esi nga setabanekeleni na nga selatini, nezintambo zaso kuyo yonke inkonzo yalo.
27Kwa Kohati kwa vela umndeni wamaAmrami nomndeni wamaIzahari nomndeni wamaHebroni nomndeni wamaUzieli: Le imindeni ya kwa Kohari.
28Emumweni wabesilisa bonke kuqala kwa ba nenyanga ngobudala naba nga pezulu ba be izinkulungwane ezi isishiyagalombili namakulu a isitupa abokugcina itabanekele.
29Imindeni yaba kwa Kohati i ya kumisa ecaleni letabanekele eli ngaseningizimu.
30Induna yendhlu ka yise wemindeni ka Kohati i ya kuba uElizafani indodana ka Uzieli.
31Okogcinwa ibo ko ba umpongolo netafula, noti lwesibani, namalati nezitya zetabanekele aba konza ngazo nesipanyiso nako konke okwenkonzo yalo.
32uEleazari indodana kaAroni u ya kuba omkulu pezu kwezinduna zabaLevi: a ba bheke abagcina itabanekele.
33Kwa Merari kwa vela umndeni wamaMahli nomndeni wamaMushi: Le imindeni ka Merari.
34Labo ababalwayo kubo njengomumo wabesilisa bonke ku qala kwa ba nenyanga naba nga pezulu ba be izinkulungwane ezi isitupa namakulu amabili.
35Induna yendhlu ka yise wemindeni kaMerari ya ba uZurieli indodana ka Abihaili. Laba ba ya kumisa ecaleni letabanekele ngasenyakato.
36Okogcinwa amadodana ka Merari ko ba amapulankwe etabanekele nezinti zalo, nezinsika zalo, nezisekelo zalo, nezitya zonke zalo nako konke kokukonza.
37Nezinsika zebala elizungezayo nezisekelo zazo nezikonkwane zazo nezintambo zazo.
38Kodwa labo aba ya kumisa ngapambili kwetabanekele ngasempumalanga nga pambi kwetabanekele lenhlangano ngasempumalanga ko ba uMosi noAroni namadodana ake ba gcine itabanekele ba gcinele aba kwa Israeli owezizwe o sondelayo u ya kubulawa.
39Bonke ababalwayo kubaLevi aba balwa uMosi noAroni ngokutyo ku ka Jehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa ku qala kwa ba nenyanga ngobudala naba nga pezulu ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nambili.
40uJehova wa ti ku Mosi. Bala onke amazibulo esilisa kuba Israeli ku qale kwa ba nenyanga ngobudala naba nga pezulu u bale amagama abo.
41U ya ku ngi tatela abaLevi (ngi ngu Jehova) endaweni yabo bonke aba mazibulo ba kwa Israeli nezinkomo zabaLevi endaweni yamazibulo pakati kwezinkomo zaba kwa Israeli.
42uMosi wa bala onke amazibulo pakati kwa ba Israeli njengokutyo ku ka Jehova kuye.
43Onke amazibulo abesilisa ngomumo wamagama abo kuqala kwa ba nenyanga ubudala nabanga pezulu, bona ababalwayo kubo ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nambili namakulu amabili namashumi amatatu neshumi nantatu.
44uJehova wa kuluma ku Mosi, e ti,
45Tata abaLevi endaweni yawo onke amazibulo aba kwa Israeli nezinkomo zabaLevi endaweni yezinkomo zabo, abaLevi ba ya kuba abami: ngi nguJehova.
46Ku labo aba ya kwenanwa kwaba amakulu amabili namashumi a isikombisa nantatu bamazibulo aba kwa Israeli a ba dhlula abaLevi.
47U ya kutata amashekeli a isihlanu ngamunye ngenhloko, u ya kuwatata njengeshekeli letabanekele: Ishekeli li ngamagera a amashumi amabili.
48U ya kunika imali uAroni namadodana ake e yenane umumo wabo odhlulileyo.
49uMosi wa tata imali yokwenana labo aba be dhlule ngobuningi abe nanwa abaLevi.
50Kumazibulo a kwa Israeli wa tata imali amashekeli a inkulungwane namakulu amatatu namashumi a isitupa nesihlanu njengeshekeli letabanekele.
51uMosi wa i nika imali yabo aba be naniwe uAroni namadodana ake njengezwi lika Jehova; njengokutyo ku ka Jehova ku Mosi.