1UJEHOVA wa kuluma kuMosi, e ti,
2Yityo kwa ba kwa Israeli ukuba ba kipe ekamwini onke amalepero nabo bonke aba nesipumo nabo bonke aba ngcoliswe abafileyo.
3Isilisa nesifazana ni ya kuba kipela ngapandhle kwekamu ni ba kipe ukuze ba nga ngcolisi amakamu abo, e ngi hlala pakati kwawo.
4Abakwa Israeli benza njalo, ba ba kipela ngapandhle kwekamu: njengokutyo kuka Jehova kuMosi benze njalo aba kwa Israeli.
5uJehova wa kuluma kuMosi, e ti,
6Yityo kwa ba kwa Israeli kuti uma o wesilisa noma o wesifazana enza isono e senziwa abantu ukona kuJehova, lowo muntu a be necala;
7Ka vume isono sake a senzileyo, a buyise icala lake, nga loku a konileyo elekele kuko o kwesihlanu a ku nike lowo a monileyo.
8Kodwa uma umuntu e nge naye o wa kubo, ukubuyisa icala kuye, icala a li buyiswe kuJehova, kumpristi ngapandhle kwenqama yokuhlaula a hlaulelwe ngayo.
9Neminikelo yonke yoku ngcwele yaba kwa Israeli aba yi letayo kumpristi i ya kuba e yake.
10Nokwahlukanisiweyo kwa bantu bonke ku ya kuba o kwake: konke oku letwa abantu kumpristi ku ya kuba o kwake.
11uJehova wa kuluma ku Mosi, e ti,
12Yityo kwabakwa Israeli, u ti kubo uma umfazi womuntu e duka enza isono kuye.
13A lale nomunye umuntu indoda yake i nga ku boni, ku fihlwe, a ngcoliswe ku nga biko ufakazi ngaye, e nga banjwanga.
14Ku fike inhliziyo yomona kuye a be nomona ngomkake e ngcolisiwe noma ku fika inhliziyo yomona kuye a be nomona ngomfazi wake e nga ngcolisiwe.
15Ku tike indoda i lete umkayo kumpristi i m letele umnikelo wake, okweshumi kweefa lempupu yebarle, a nga teli amafuta kuyo a nga faki nenhlaka kuyo; ngokuba i umnikelo womona, umnikelo wesikumbuzelo sokukumbuza isono.
16Umpristi a m sondeze a m beke pambi ku ka Jehova:
17Umpristi a tate amanzi a ngcwele ngesitya sebumba: a tate notuli olu pansi etabanekeleni, a lu tele emanzini.
18Umpristi a beke umfazi ngapambi kuka Jehova, e mbule ikanda lomfazi a beke umnikelo wesikumbuzelo ezandhleni zake, o umnikelo womona, umpristi a pate ezandhleni zake amanzi ababayo okwenza isituko.
19Umpristi a m fungise, a ti kumfazi uma u nga hlangananga nendoda uma u ngedukelanga kokubi nomunye o nge siyo indoda yako, u kululekile emanzini a babayo okwenza isituko.
20Kodwa uma wedukile nomunye ongendoda yako uma u ngcolisiwe, wa hlangana nenye indoda e ngendoda yako;
21Umpristi u ya kufungisa umfazi ngesifungo sokutuka umpristi a ti kumfazi, uJehova a kwenze isituko nesifungo pakati kwabakini, nxa uJehova e bozisa itanga lako; e vuvukalisa isisu sako;
22Lamanzi okwenza isituko a ya kungena emibilinini yako, a vuvukise isisu sako a bozise itanga lako; Umfazi u ya kuti Ameni, Ameni.
23Umpristi u ya kubala lezi izituko encwadini a zesule ngamanzi a babayo.
24A puzise umfazi amanzi ababayo okwenza isituko, amanzi okwenza isituko a ya kungena kuye a babe.
25Ku ti umpristi a tate umnikelo womona esandhleni somfazi a zulise umnikelo pambi kuka Jehova a nikele elatini.
26Umpristi a capune ngesandhla emnikelweni isikumbuzelo sawo a si tyise elatini, ku tike a puzise umfazi amanzi.
27Lapo se m puzisile amanzi ku ya kuti uma e ngcolisiwe wona endodeni yake amanzi okwenza isituko a ngene kuye a babe isisu sake si vuvuke netanga lake li bole; Umfazi u ya kuba isituko kwabakubo.
28Uma e nga ngcolisiwe, e hlanzekile, u ya kukuleka a kululwe, a tole inzalo.
29Lo umteto womona lapo umfazi eduka nomunye o nge siyo indoda yake a ngcoliswe.
30Nalapo inhliziyo yomona i fika kuye a be nomona ngomfazi wake, a beke umfazi pambi ku ka Jehova, umpristi enze kuye ngawo wonke lomteto.
31Indoda i nga bi necala lesono, lowo mfazi a twale isono sake.