1ISIBONISO sika Obadia. Njalo i tyo iNkosi uJehova kulo iEdomi; Si zwile imbiko i vele kuJehova, futi isigijimi si tunyiwe kuzo izizwe; si ti, Vukani, si vuke nga kulo ukulwa.
2Bheka ngi kwenzile u be mncane pakati kwezizwe, u delelwe kakulu wena.
3Ukuzidhla kwenhliziyo yako ku ku kohlisiie, wena o hlezi ezimfeni zamawa, onhlalo yake i pakamile, o ti enhliziyweni yake, Ubani o wo ngehlisela emhlabatini na?
4Nokuba u zipakamisa njengenqe, nokuba u beke indhlwana yako pakati kwezinkanyezi, ngo kwehlisa lapo, u tyo uJehova.
5Uma amasela a fika kuwe, uma abapangi ebusuku, u citiwe kangaka! a ba yi kweba oku banelayo na? Uma abavuni besinwazi ba fika kuwe, a ba yi ku shiya inkotozo na?
6Loku o kuka Esau ku hloliwe kangaka! izindawo ezisitekileyo zake zi funisisiwe.
7Bonke abantu bovumelwano lwako ba ku pumisile ecaleni; abantu aba be tula nawe ba ku kohlisile, ba kwahlulile; abadhli besinkwa sako ba bekile isihibe pansi kwako: A kuko ukuqonda kulo.
8A ngi yi ku bubisa bonke abahlakanipileyo eEdomi, nga lolosuku na? u tyo uJehova, nokuqonda entabeni ka Esau na?
9Ko ti iziqwaga zako Temani zi dumale, ukuze ku nqunywe abantu entabeni ka Esau ngokubulala.
10Ngenxa yokuhlupa kwako ngakuye umfo wenu uJakobe izinhloni zo ku sibekela, u ya kunqunywa ku ze ku be pakade.
11Ngosuku wema ngalo, ngapambili, ngosuku abafo ba tumba amandhla ake ngalo, nabafikayo ba ngena emasangweni ake ba dhla iJerusalema ngenkato, wena kanti wa ba njengomunye wabo.
12Kepa wena nga u nga bukanga ngosuku lomfo wenu, ngosuku lobufokozana bake, nga u nga jabulanga pezu kwamadodana aka Juda ngosuku lokubujiswa kwawo, futi nga u nga ganganga ngosuku lwenkatazo.
13Nga u nga ngenanga esangweni labantu bami ngosuku lwenhlupeko yabo, futi nga u nga bukanga ukomwa kwabo ngosuku lwenhlupeko yabo, nga u nga bekanga isandhla pezu kwemfuyo yabo ngosuku lwenhlupeko yabo.
14Futi nga u ngemanga ekupambaneni kwezindhlela ukunquma bona abapunyukileyo bake; futi nga u nga nikelanga abaseleyo bake ngosuku lwenhlupeko.
15Ngokuba, usuku luka Jehova lu seduze pezu kwezizwe zonke; njengaloku wenzile wena, ku ya kwenziwa kuwe impindiselo yako yo buyela ekanda lako.
16Ngokuba njengaloku ni puzile entabeni yami eyingcwele, ku njaloke izizwe zonke zi ya kupuza njalonjalo; zi ya kupuza zona, zi minze, zi be njengokuba za be zi nga ka biko.
17Kepa entabeni iZioni ko ba kona inkululo, ko ba kona nobungcwele, futi indhlu kaJakobe yo bamba izinxenye zabo.
18Ko ti indhlu kaJakobe i be umlilo, nendhlu ka Josefa ilangabi, nendhlu ka Esau i be izibi, ba ya kupemba ku bona, ba ba dhle; a ku yi ku ba kona oseleyo noyedwa kuyo indhlu ka Esau, ngokuba uJehova u tyilo.
19Ko ti bona ba seningizimu ba be nentaba ka Esau, nabo ba setafeni labaFilisti, ba ya kuba nomhlabati wa seEfraimi, nomhlabati wa seSamaria: futi uBenjamini wo ba nalo iGiladi.
20Ku ya kuti ukutunjwa kwa labantwana baka Israeli li be nawo amaKanani ku ze ku fike eZarefati; futi ukutunjwa kwa seJerusalema o ku seSefaradi ko ba nemizi ya seningizimu.
21Ko ti abasindisi ba ya kuza pezu kwentaba iZioni ukwahlula intaba ka Esau; futi umbuso wo ba oka Jehova.