1UPAULE noTimote, izinceku zika Jesu Kristu, kubo bonke abangcwele aba kuKristu Jesu aba seFilipi, kanye nababonisi nezikonzi;
2A ku be kini umusa nokutula, oku vela kuTixo uBaba wetu, na kuyo iNkosi uJesu Kristu.
3Ngi ya m bonga uTixo wami ekunikumbuleni konke kwami,
4Ngezikati zonke, ekukulekeni kwami konke ngani nonke, ngi kuleka ngokutokoza.
5Ngi ya bonga ukulihlanganyela kwenu ivangeli, iloku la fikayo ku ze ku be manje;
6Ngi temba kona loku, ukuti, o se qalile umsebenzi olungileyo kini, u ya kuufeza ku ze ku fike usuku luka Jesu Kristu;
7Njengokuba ku ngi fanele ukuba ngi zindhle loku ngani nonke; ngokuba ngi nani enhliziyweni yami, na sekubotyweni kwami, na sekuvikeleni na sekuqiniseni ivangeli, nina nonke ni hlanganyela umusa kanye nami.
8uTixo u ufakazi wami wokuti, ngi ya ni tanda kakulu nonke ngobubele buka Jesu Kristu.
9Ngi ya kuleka loku, ukuba utando lwenu lu vame nokuvama ngokwazi na ngokuqonda konke;
10Ni ze ni kete okulungileyo, ukuba ni be mhlope, ni nga bi nacala ngosuku luka Kristu;
11Ni gcwale izitelo zokulunga, ezi ngayo uJesu Kristu, ukuze uTixo a dunyiswe, a batyazwe.
12Kepa ngi ya tanda, bazalwane, ukuba nazi ukuti, ivangeli li qubekile nga loku oku ngehleleyo;
13Ku ze ku ti ukubotywa kwami ngenxa ka Kristu ku bonakale esigodhlweni sonke, na sezindaweni zonke ezinye;
14Ba ti abazalwane abaningi eNkosini, be qiniswa ngokubotywa kwami, ba vame ukushumayela izwi ngesibindi, be nge nakwesaba.
15Kepa abanye ba shumayela uKristu ngomona na ngenkani; abanye ngotando.
16Labo ba shumayela uKristu ngokupikisana, ku nga bi ngesiminya be ti, ba za kwelekela usizi ekubotyweni kwami;
17Kepa laba ba m shumayela ngotando, bazi ukuti, ngi miselwe ukuvikela ivangeli.
18Po ini na? kepa uKristu u shunyayelwa ngezindawo zonke, noma ngokuzenzisa, noma ngeqiniso; ngi ya jabula nga loku, yebo, ngi ya kujabula.
19Ngokuba ngi yazi ukuti, loku ku ya kungivezela ukusindiswa ngokukuleka kwenu, na ngokusizwa uMoya ka Kristu,
20Njengokubheka nokwetemba kwami, kokuti, a ngi yi kujabiswa ngaluto, kodwa ngokupimisela konke, njengezikati zonke, ku njalo na kaloku, uKristu u ya kukuliswa ngomzimba wami, nokuba ku ngokupila, nokuba ku ngokufa.
21Ngokuba kimina ukupila ku uKristu, ukufa ku ukuzuza:
22Kepa uma ngi pila enyameni, loku ku isitelo somsebenzi kimina; a ngi kwazi engi ya kukuketa.
23Ngokuba ngi cindezelwe kokobili; ngi nenhliziyo yokudhlula, ngi hlale noKristu; ngokuba ku lungile kakulu.
24Kepa ukuhlala enyameni ku dingeka kakulu ngenxa yenu
25Loku ngi na lelitemba, ngi yazi ukuti, ngi ya kuhlala, ngi hlale nani nonke, ni ze ni qubeke, ni tokoze ekukolweni;
26Ni be nokujabula okukulu kuKristu Jesu ngami, ngokupindela kwami kini.
27Kodwa a ni hambe ngokufanele ivangeli lika Kristu, ukuze, noma ngi za ngi ni bone; noma ngi ngezi, ngi ku zwe okwenu kokuti, ni mini qinile emoyeni munye; ni bambisene nganhliziyonye ekukolweni ivangeli;
28Ni ngesatyiswa ngaluto ilabo aba lwa nani; loku ku isiboniso sokulahlwa kubona, kepa kinina ku isiboniso sokusindiswa; na loku ku vela kuTixo.
29Ngokuba a nabelwanga ngenxa ka Kristu ukukolwa uye kodwa, kepa nabelwe nokuhlupeka ngenxa yake;
30Ni na lokokulwa ena ku bona kimina, na kaloku ni zwa ukuti ku kimi.