1NGAKO, bazalwane bami, abatandwayo nabafiswayo, ukujabula kwami, nomqele wami, njalo, batandwayo, yimani ni qinile eNkosini.
2Ngi ya ncenga uOdia, ngi ya ncenga noSintike, ukuba ba be nokuqonda kunye eNkosini.
3Yebo, ngi ya ku nxusa nawe, o isisebenzi kanye nami isiminya, u ba size laba abesifazana, aba bambisana nami evangelini, kanye noKlemente nabanye aba izisebenzi nami amagama abo a sencwadini yokupila;
4Tokozani eNkosini njalonjalo; ngi buya ngi ti, tokozani.
5Ukulunga kwenu a kwaziwe abantu bonke, iNkosi i seduze.
6Ni nga katazeki ngaluto; kepa ezintweni zonke, ukucela kwenu a kwaziwe uTixo ngokukuleka, na ngokunxusa, na ngokubonga.
7Kona ukutula kuka Tixo, oku dhlula ukuqonda konke, ku ya kugcina izinhliziyo zenu, nokuzindhla kwenu ngoKristu Jesu.
8Kepa bazalwane, konke oku isiminya, konke okutusekayo, konke okulungileyo, konke okucwebileyo, konke okutandekayo, konke okubongekayo; uma ku kona okuhle, uma ku kona ukubatyazwa, qondani kona loko.
9Loko eni ku fundileyo, neni kwamkeleyo, neni ku zwileyo, neni ku bonileyo kimina, kwenzeni; uTixo wokutula u ya kuba nani.
10Kepake ngi ya tokoza kakulu eNkosini, ngokuba se ni buye ni buse ngokunginakekela kwenu; noma na nakekela, na swela ituba lokwenza.
11A ngi kulumi ngokuswela, ngokuba se ngi fundile ukukolwa iloku, engi nako.
12Ngi yazi ubumpofu, ngi yazi nokufuya; ezindaweni zonke, na sezintweni zonke, ngi fundisiwe ukusuta nokulamba, ukufuya nokuswela.
13Ngi nga kwenza konke ngaye uKristu o ngi qinisayo.
14Kepa nenze kahle ngokuhlanganyela nami ukuhlupeka kwami.
15Ni yazi, nina ba seFilipi, ukuti, ekuqaleni kwevangeli; ekupumeni kwami eMakedonia, kwa ku nge ko ibandhla nelilodwa, ela hlanganyela nami ngokupa nelokwamkeliswa, nina nodwa kupela.
16Na seTesalonika na tuma futifuti ngokuswela kwami.
17A ngi tyo ngi funa ukupiwa, kepa ngi ya funa izitelo ezi ya kwandela icala lenu.
18Kodwa se ngi nako konke, ngi fuyile; ngi gcwele, ngi zamkele kuEpafroditu izinto eza tunywa inina, ezi ipunga elimnandi, umnikelo okolekayo noyolileyo kuTixo.
19Kepa uTixo wami u ya kwenezela konke ukuswela kwenu ngokufuya kwake ebukosini, ngoKristu Jesu.
20KuTixo uBaba wetu a ku be ubukosi ku ze ku be nini na nini. Ameni.
21Ngi konzeleni kubo bonke abangcwele aba kuKristu Jesu. Abazalwane aba nami ba konza kinina.
22Abangcwele bonke ba ya konza kinina; kakulu abendhlu ka Kesari.
23Umusa weNkosi yetu, uJesu Kristu, a u be kinina nonke. Ameni.