1AMAZWI ahlakanipileyo ka Solomona indodana ka Davida, inkosi yabaIsraeli.
2Ukuze kwaziwe ukuhlakanipa, nesifundiso; ukuze kwaziwe amazwi abazisayo;
3Ukuze kwamukelwe isifundiso soku hlakanipa, nokulungisa, nokwahlula, nokulinganisa;
4Ukuze abangahlakanipile ba nikwe ukuhlakanipa; nomfana ukwazi nengqondo;
5Ohlakanipileyo ma ka lalele engezelele isifundo; no wazisayo, wo zuza isiqondiso:
6A ze azisise izwi elihlakanipileyo, nokuzekelisa; amazwi abahlakanipileyo, neziqandelo zabo.
7Ukumesaba uJehova ku isiqalo sokwazi; iziula zi ya dela ukuhlakanipa nokufundisa.
8Ndodana yami, yizwa isifundiso sika yihlo; u nga wu lahli umteto ka nyoko:
9Ko ba isivunulo esihle ekanda lako, nemigexo entanyeni yako.
10Ndodana yami, nxa izoni zi ku yenga, u nga vumi.
11Nxa zi tyo ukuti, Hamba nati, ma si qamele igazi, si m bacele o nge nacala ngeze:
12So ba gwinya njengesheoli, be sezwa; bona abapilileyo bo ba njengabo aba tyona emgodini:
13So fumana ingcebo yonke, so gcwalisa izindhlu zetu ngempango;
14Wo ponsa inkato yako pakati kwetu, so ba nesikwama sinye tina sonke:
15Ndodana yami, u nga yi nabo endhleleni; nqanda unyawo lwako emikondweni yabo:
16Ngokuba izinyawo zabo zi gijimela ububi, zi tyetya ukupalaza igazi.
17Ngeqiniso isibata senekwa ngeze emehlweni ezinyoni zonke.
18Kepa bona ba qamela elabo igazi, ba bacela okwabo ukupila.
19I njalo imihambo yabo bonke aba fisa impango, i ya susa ukupila komniniyo.
20Ukuhlakanipa ku ya memeza ngapandhle; emendweni ku ya pimisa izwi lako.
21Esigcawini ku ya memeza, emasangweni; emuzini ku ya shumayela amazwi ako,
22Ko ze ku be nini, nina eni nga hlakanipile no tanda ukungahlakanipi, nabahleki ba tande ukuhleka, neziula zi zonde ukwazi na?
23Zi guquleni ngokuyala kwami; bheka, ngo tela umoya wami pezu kwenu, ngo nazisa amazwi ami.
24Ngokuba ngi bizile, nala nina; ngelulile izandhla zami, a ku ba ngako olalelayo;
25Kepake ni lahlile konke ukululeka kwami, a ni vumanga ukuyala kwami.
26Mina ngo hleka ngokukatazeka kwenu; ngi laule ekufikeni kwevuso lenu:
27Nxa ivuso lenu li za njengesipepo esicitayo, nenhlupeko yenu i sondela njengesivunguvungu; nxa ku ze pezu kwenu usizi nobunzima.
28Kona ba ya ku ngi biza, kanti a ngi yi ku sabela; ba ya ku ngi funisisa, kanti ka ba yi ku ngi funyana:
29Ngokuba ba zondile ukwazi, be nga ketanga ukumesaba uJehova:
30A ba vumanga ukululeka kwami, ba dela konke ukuyala kwami.
31Ngako ba ya kudhla isitelo sendhlela yabo, ba sute amacebo abo.
32Ngokuba ukupambuka kwabangahlakanipile ko ba bulala, nokungakataleli kweziula, ku ya ku zi cita.
33Kanti o lalela mina, wo hlala ngokwetemba, a pumule ekwesabeni okubi.