1AMAZWI ahlakanipileyo ka Solomona. Indodana ehlakanapileyo i ya tokozisa uyise; kanti indodana e nobuula i usizi kunina.
2Ingcebo yokubi, a i sizi luto; kepa ukulungisa ku ya sindisa ekufeni.
3uJehova ka yi kuvuma ukuba umpefumlo wolungileyo u lambe, kodwa inkanuko yabashingayo wo yi delela.
4Umpofu yena o sebenza ngesandhla sobudenge, kodwa isandhla sokukutala si ya cebisa.
5Obutayo ehlobo, u indodana ehlakanipileyo, kanti e lalayo ekwindhla u indodana embi.
6Izibusiso zi pezu kwekanda lolungileyo, kanti umlomo womubi u ya fihla ukonakala.
7Ukukunjulwa kolungileyo ko busiswa, kodwa igama lababi lo bola.
8Onhliziyo yake i hlakanipile, u ya kwamukela imiyalo; kanti o isiula ngomlomo, u ya kuwiswa.
9Ohambayo ngeqiniso, u hamba kahle; kodwa o hamba ngezindhlela ezipambaneyo, u ya kwaziwa.
10O qweba ngeso u veza ubuhlungu, no isiula ngomlomo wo wa pansi.
11Umlomo wolungileyo u ngumtombo wokupila, kanti umlomo wamashinga u fihla ububi.
12Inzondo i ya xunga inkani, kodwa utando lu ya sibekela okubi konke.
13Ukuhlakanipa ku ya funyanwa emlonyeni wabaqondileyo, kodwa uswazi lu lungele umhlana wake o swela ingqondo.
14Abahlakanipileyo ba ya gcina ukwazi, kepa umlomo wesiula u incitakalo e seduze.
15Ingcebo yesicebi i umuzi wake o namandhla, ukuciteka kwezimpofana ku ubumpofu bazo.
16Umsebenzi wolungileyo u nga sekupileni, inzuzo yabangalungileyo i nga sekoneni.
17U sendhleleni yokupila o londa ukufundiswa, kanti o nqaba ukuyalwa, u ngodusayo.
18O bacisa inzondo ngomlomo onamanga, no pumisa isihlebo, u isiula.
19Ngobuningi bamagama, a ku sweleki sono; kepa o bamba umlomo wake, u hlakanipile.
20Ulimi lolungileyo lu njengesiliva eliketiweyo, inhliziyo yababi i into encinyane.
21Izindebe zolungileyo zi yondhla abaningi, kanti iziula zi ya fa ngokuswela ingqondo.
22Isibusiso sika Jehova si ya cebisa, a kengezi ubuhlungu kuso.
23Ku njengokudhlala kuso isiula ukwenakalisa, kodwa o nengqondo u nokuhlakanipa.
24Ivuso leshinga li ya kulifikela, kodwa intando yolungileyo wo yi nika.
25Njengokudhlula kwesivunguvungu, a li seko ishinga, kanti kolungileyo ku kona isisekelo esi ngunapakade.
26Njengomunyu emazinyweni, nanjengomusi emehlweni, ku njalo ivila kuye o li tumayo.
27Ukwesaba uJehova ku yandisa izinsuku, kepake iminyaka kwaba amashinga yo ncipiswa.
28Itemba lolungileyo lo ba injabulo, kepake ukubekela kwababi ko pela.
29Indhlela ka Jehova i ngamandhla koqoto, kanti ukubujiswa ku kubo abasebenzi bokubi.
30Olungileyo a ka yi kunyakaziswa napakade, kanti amashinga a ka yi ku hlala ezweni.
31Umlomo wolungileyo u ya veza ukuhlakanipa, kanti ulimi lwenkohliso lu ya kunqanyulwa.
32Izindebe zolungileyo zi ya kwazi okukolekileyo, kepa umlomo wamashinga u ya kohlisa.