1ISILGANISO, esikohlisayo si isinengiso kuJehova, kanti isilinganiso esilungileyo si intokoziso yake.
2Ku ti ku fike ukuzidhla, ku vela nehlazo; kepa kwabatobekileyo ku kona ukuhlakanipa.
3Iqiniso labalungileyo li ya kubaholela, kodwa ukupambanisa kwabonakalisayo ko ba cita.
4Ubucebi a bu yi ku siza ngosuku lwentukutelo, kodwa ukulungisa ko sindisa ekufeni.
5Ukulungisa koqoto ko lungisa indhlela yake, kepa ishinga li ya ku wa ngobushinga balo.
6Ukulungisa kwabaqoto ko ba sindisa, kodwa abonakalisayo bo banjwa ukonakalisa kwabo.
7Ekufeni komuntu omubi itemba lake li ya kupela, nokubekela kwabangalungileyo ku ya buba.
8Olungisayo u ya kitywa ebunzimeni, kepa oshingayo u ya ngena esikundhleni sake.
9Ngomlomo umuntu omubi u ya bulala owakelene naye, kepa ngokwazi kwabaqoto wo kululwa.
10Nxa e hlezi kahle olungileyo, umuzi u nokwenama, na nxa be buba ababi, ku kona ukwenanela.
11Ngokubusisa kwabalungileyo wo pakanyiswa umuzi, kepake ngomlomo wamashinga u ya kucitwa.
12O dela owakelene naye u ngontula ukuqonda, kepa umuntu o nokwazisisa, wo tula.
13O hambahamba e hleba u ya velisa imfihlo, kanti o kolekile emoyeni u ya yi sibekela indaba.
14Abantu ba ya wa, uma ku ngeko ukuqondisisa; kodwa ku kona ukugcineka ngobuningi babaqondisayo.
15O zimela umfo, wo hlupeka nokuhlupeka; kodwa o zonda ukubambisa isandhla, u qinisile.
16Umfazi otandekayo u ya zuza udumo, nabanamandhla ba zuza ingcebo.
17O wenzela umpefumlo wake okuhle u ngumuntu o nomusa, kanti o kataza inyama yake, u nonya.
18Ishinga li yenza umsebenzi wenkohliso, kodwa o hlwanyela ukulunga, u nenkokelo eqinisekileyo.
19Njengaloku ukulunga ku holela ekupileni, njalo o landa okubi u ku landa ku be ukufa kwake.
20Abapambukileyo enhliziyweni, ba yisinengiso kuJehova; kanti abaqoto ekuhambeni, ba intokoziso yake.
21Noko isandhla si patana nesandhla, omubi a ka yi ku yekwa; kepa inzalo yabalungileyo yo sindiswa.
22Njengendandato yegolide empumulweni yengulube, u njalo umfazi omuhle e nge nakuqikela.
23Okutandwa abalungileyo ku lungile kupela, kepa itemba labashingayo li intukutelo.
24Ku kona okuhlakazayo, kwelekwa noko; kepa o vimbayo ku nokufaneleyo, ku banga ubumpofu kupela.
25Umpefumlo obusisayo u za ku ceba, no netisayo wo netiswa.
26O godhla ukolweni, abantu ba ya ku m tuka; kepa izibusiso zo ba pezu kwekanda lake o tengisa ngalo.
27O funisisa okuhle wo funa ukutandwa uTixo, kanti o funa okubi loku ku ya ku m fikela.
28O temba ingcebo yake, u za kuwa yena; kepa abalungileyo bo hluma njengeqabunga.
29O katazayo indhlu yake, u ya kwamukela umoya; ku ti isiula si isicaka kuye o nenhliziyo eqondileyo.
30Isitelo solungileyo si umuti wokupila, no zuza imipefumlo u qondile.
31Bheka olungileyo u ya kuvuzwa emhlabeni; kakulu kangakanana omubi nesoni.