1KUHLE umtama omileyo, ku kona ukuhlala kahle; ku nendhlu e gcwele ngokuhlatyiweyo, ku kona inkani.
2Inceku eqondileyo yo busa pezu kwendodana ehlazisayo, yo ti i dhle ifa kanye nabazalwane.
3Ukamba lokuncibilikisa o lwesiliva, nesitando e segolide; kepa o hlola izinhliziyo u nguJehova.
4O wenza okubi u ya lalela izindebe ezi namanga; o qamba amanga u ya beka indhlebe kulo ulimi olubi.
5O hleka ompofu u ya m delela umenzi wake; o jabula ekuciteni okuzumayo a ka yi ku tetelelwa.
6Abantwana babantwana ba umqele wabadala; nesivunulo sabantwana si oyise babo.
7Izindebe zenshumayelo enhle a zi fanele isiula; kakulu kangakanana izindebe zamanga a zi fanele isikulu.
8Umnikelo u yitye elihle emehlweni omniniwo; izindawo zonke lapo e beke kona, zo ba igugu.
9O tukusa isipambuko u ya funa utando; kepa o pinda a vuse indaba u ya hlukanisa izihlobo.
10Ukukuza ko ngena kuye oqondayo ku nokutyaya isiula ka ikulu.
11Omubi u ya funa inkani kupela; kepa isitunywa esi nolunya si ya ku tunyelwa kuye.
12Hlangana nebere e lapuciwe amaundhlu alo ngumuntu, kepa u nga hlangani nesiula ebuuleni baso.
13O pindisela okuhle ngokubi, ububi a bu yi ku muka endhlini yake.
14Isiqalo sokupika inkani si njengokubobozela amanzi; ngako yeka inkani i nga ka tyi.
15O ti u lungile omubi no lahla olungileyo, ba ukunengeka kuJehova bona bobabili.
16Yini ukuba inani li sesandhleni sesiula, si zuze ukuhlakanipa, uma ingqondo a iko na?
17Umhlobo u ya tanda ngezikati zonke; kepa umzalwane ekuhlupekeni nga e zalwa.
18Umuntu o nge nakuqonda u ya bambana ngezandhla, enza ukuqinisa ebusweni besihlobo sake.
19O tanda ukuxabana u tanda inkani; naye o li pakamisayo isango lake u funa ukuciteka.
20O nenhliziyo embi a ka yi ku tola okuhle; naye o guquguquka ngolimi u ya kuwa ebubini.
21O zalayo isiula ku ukuhlupeka kuye; noyise wesiula a ka jabuli.
22Inhliziyo ejabulayo i ya polisa kahle; kepake umoya owapukileyo wo lomisa itambo.
23Umnikelo u ya tatyatwa esifubeni somubi ukupambukisa imihambo yokwahlula.
24Ukuhlakanipa ku pambi kwake o nenqondiso; kodwa amehlo esiula a semikaulweni yomhlaba.
25Indodana e isiula i inkatazo kuyise, nokubaba kuye o wa m zalayo.
26Ukuhlupa abalungileyo a ku fanele, nokutyaya izikulu kubi.
27O bamba amazwi ake u ya kwazi ukwazi; noqondayo u nomoya opolileyo.
28Nesiula, nxa si tule, ku tiwa si qondile, no vala umlomo wake ku tiwa umuntu wokuqonda.