1FUTI lezi zi imizekeliso ka Solomona ezi balwa lwo amadoda ka Hezekia, inkosi ya seJuda.
2Udumo luka Tixo lu uku yi fihla into; kanti udumo lwamakosi lu uku yi penyisisa indaba.
3Izulu ngokupakama, nomhlaba ngokujula, i njalo inhliziyo yamakosi, a kuko uku yi hlolisisa.
4Susa inyela kulo isiliva, kona ko m pumelela umkandi isitya.
5Susa omubi ebusweni benkosi, nesihlalo sayo sobukosi so qiniswa ngokulungisa.
6U nga hambi ngokuzidhla pambi kwenkosi, u ngemi endaweni yabakulu.
7Ku lungile ukuba ku tyiwo kuwe, ukuti, Nyukela lapa; ku nokuba wehliswe ebusweni benkosi a yi bonileyo amehlo ako.
8U nga tyetyi ukupuma u lwe, funa u ngazi u za kwenzani ekupeleni, nxa o wakelene naye a kwenze u be nehlazo.
9Pikelela indaba yako nowakelene nawe; u ngambuli okufihlekileyo komunye.
10Funa ozwayo a ku jezisise, nodumo olubi lwako lu nga muki.
11Izwi eli kulunywa kahle li njengamaperele egolide pakati koku setyenzwa okubaliweyo kwesiliva.
12Umkuzi ohlakanipileyo u yindandato yegolide, u isivunulo segolide elihle endhlebeni ezwayo.
13Njengokubanda kongqoqwane ngesikati sokwindhla si njalo isigijimi esi kolisileyo kubo aba si tumayo; ngokuba si ya buyisa umpefumlo wenkosi yaso.
14Ozigabisayo ngomnikelo wamanga, u njengamafu nomoya, ku ngeko imvula.
15Ngokubekezela, inkosi i ya nxuswa, nolimi olutambileyo lu ya pula itambo.
16U tolile izinyosi na? yidhla okwanele wena, funa u cunuke izo, u buye u zi hlanze.
17Unyawo lwako ma lu nga vami endhlini yomhlobo wako; funa a dinwe nguwe a ze a ku zonde.
18Umuntu o qamba amanga ngakuye o wakelene naye, u isando, nenkemba nomcibityelo obukali.
19Ukwetemba kumuntu o ngakolisiyo ngesikati sobunzima, ku njengezinyo elapukileyo, nonyawo olwenyeleyo.
20O yi hlabelelayo inhliziyo e nosizi amagama, u njengohluta ingubo ngesikati samakaza nanjengumunyu pezu kwenitere.
21Nxa isita sako si lambile, si funze ngesinkwa; nxa somile, si puzise amanzi.
22Ngokuba wo qonga amalahle a vutayo ekanda laso, ko ti uJehova a ku vuze.
23Umoya wa senyakato u ya leta imvula; futi nolimi olufihlayo lu leta ubuso obu nolaka.
24Ku lungile ukuhlala egumbini pezu kwendhlu, ku nokuhlala nomfazi o nomsindo endhlini e hlanganyelweyo.
25Izindaba ezinhle ezi vela ezweni elikatyana, zi njengamanzi amakaza kumpefumlo owomileyo.
26Umuntu olungileyo o zanyazanyiswayo pambi komubi u njengomtombo odungekileyo, nomtonjana onakeleyo.
27A ku lungile ukudhla izinyosi eziningi; njalo uku zihlolela udumo, ku nzima.
28Umuntu, omoya wake o nge nakuvinjelwa, u njengumuzi o citiweyo o nge naludonga.