1UNGA zigabiseli ngangomuso; ngokuba a u kwazi oku za ku veliswa usuku.
2Omunye ma ka ku bonge, ku nga bi umlomo wako; umfo, ku nga bi izindebe zako.
3Itye li nzima, nesihlabati si ya sinda; kodwa ukukatazwa isiula ku nzima kuko kokubili.
4Intukutelo i nonya, ulaka lu ya pupuma; kodwa ubani o ngema pambi komona na?
5Ukukuza okusobala ku lungile ku notando olufihlekileyo.
6Izigalelo zotandayo zi kolekile; kepa ukwanga kwesita ku yanda.
7Umpefumlo o sutiyo u ya nengwa nju; kodwa kumpefumlo olambayo, konke okubabayo ku mnandi.
8Njengenyoni edukayo esidhlekeni sayo, u njalo umuntu e duka endaweni yake.
9Amafuta nempepo a jabulisa inhliziyo; bu njalo ubumnandi bomhlobo womuntu obu puma enhliziyweni.
10Isihlobo sako, nesihlobo sika yihlo u nga si shiyi; futi u nga ngeni endhlini yomfo wenu ngesikati sokuhlupeka kwako; muhle owakelene nawe o seduze ku nomfo o kude.
11Ndodana yami, qondake, u yi tokozise inhliziyo yami, ukuze ngi m pendule o ngi jezisayo.
12Umuntu oqondileyo u ya yi bona ingozi, a zifihle; aba iziula ba dhlula ba hlauliswe.
13Tabata ingubo yake o mele umfo, na ngenxa yesifebe, mu bope ngesihlaulo.
14O bonga umhlobo wake ngezwi elikulu ekuseni, ku ya kutiwa isituko kuye.
15Ukutonsa njalo ngosuku lwemvula, nomfazi wezinkani ku ya fana kokubili.
16O m vimbelayo u ya vimbela umoya, ku ti e sobunene si fika emafuteni.
17Insimbi i ya cidjisa insimbi, njalo umuntu a nga cidjisa ubuso bomhlobo wake.
18O gcinayo umkiwane wo zidhla izitelo zawo; naye o linda inkosi yake wo dunyiswa.
19Njenga loku emanzini ubuso bu sebusweni, njalo, inhliziyo yomuntu kumuntu.
20iSheoli nempelelo a ku suti; ku njalo amehlo omuntu a ka suti.
21Imbiza yokuncibilikisa e yesiliva, nesitando esegolide; u njalo umuntu emlonyeni wokubongwa kwake.
22Uma u gaya isiula ngembokondwe etyeni lokusila pakati kwezinhlamvu ezicoboziweyo, ubuula baso a bu yi ku muka kuso.
23Qapelisisa ukuma kwemihlambi yako, u beke kahle imihlambi yako.
24Ngokuba ingcebo a i yi ku hlala ku ze ku be pakade; nomcele a u yi ku hlala ngezizukulwane nezizukulwane.
25Utyani bu ya muka, ku bonakale obuluhlaza, ku butwe nemifino yezintaba.
26Izimvwana zi ngukwambatiswa kwako, nezimpongo zi yintengo yezwe.
27Ko ba kona ubisi lwezimbuzi olwenele ukudhla kwako, nokudhla kwendhlu yako, nokupila kwezintombi zako ezikonzayo.