1AMAZWI ka Lemueli inkosi ya seMasa, o be ku fundiswe unina.
2Yini ndodana yami! yini ndodana yezala lami? yebo yintoni ndodana yezifungo zami na?
3U nga niki amandhla ako esifazaneni, u nga niki izindhlela zako kokububisa amakosi.
4A siko okwamakosi, Lemueli! a siko okwamakosi ukupuza iwaini, a siko okwezikulu ukupuza oku namandhla.
5Funa a puze, a wu kohlwe umteto; onakalise indaba yabo bonke abahlupekayo.
6Nika ukupuza oku namandhla ko za ku fa; newaini kwaba nosizi lwenhliziyo.
7Ma ka puze, a kohlwe ubumpofu bake; a nga kumbuli nakanye inhlupeko yake.
8Kulumela abayizitulu, nendaba yezintandane zonke.
9Vula umlomo wako ukwahlulela kahle, yebo tetelela aba nosizi nabampofu.
10Ngubani o nga m funyana umfazi otembekayo na? Ngoba inani lake li ya hlula kakulu amaperele.
11Inhliziyo yendoda yake i ya temba kuye, nenzuzo a i yi ku sweleka.
12Wo m enzela okuhle, ku nga bi okubi, imihla yonke yokupila kwake.
13U ya funa uboya neflaksi, u ya sebenza ngezandhla ezivumayo.
14U njengemikumbi yomtengi; u ya ku tabata na kude ukudhla kwake.
15U ya vuka ku sebusuku, a ba pe abendhlu yake ukudhla, nezincekukazi zake okwabelwa zona.
16U ya qonda insimu, a yi zuze; ngesitelo sezandhla zake, kuko ukutyalwa kwensimu yesinwazi.
17U ya binqa ukalo lwake ngamandhla, u ya qinisa izingalo zake.
18U ya bona ukuba intengo yake i lungile; isibani sake a si cimi na sebusuku.
19U ya beka izandhla zake kulo isondo, nezimpama zake zi ya bamba ispindeli.
20U ya ba vulela abahlupekayo izandhla zake; u ya babela abampofu.
21A kesabi ngabendhlu yake ngenxa yongqoqwane; ngoba abendhlu yake bonke bembeswa ngendwangu ebomvu.
22U ya zenzela izingubo zokwendhlala; ilineni elihle nezindwangana ezibomvu zi ngukuvata kwake.
23Indoda yake i yaziwa emasangweni, nxa i hlezi namalunga ezwe.
24U ya sebenza elinenini elihle, a tengise ngalo; futi u ya nikela kubatengi izibamba.
25Amandhla nodumo a ngukuvata kwake; u ya si hleka isikati esizayo.
26Umlomo wake u ya wu vula ngokuhlakanipa; nomteto wobubele u solwimini lwake.
27U ya yi bonela imihambo yabendhlu yake, a ka si dhli isinkwa sobuvila.
28Abantwana bake ba suka, ba m biza ngobusisiweyo; indoda yake nayo i m babaze.
29Amadodakazi amaningi enzile ngokutembeka, kepa wena wa wahlula onke.
30Ubuhle bu yinkohliso, nokubukeka ku ize; kodwa isifazana esi m sabayo uTixo, so batyazwa.
31Mu dumiseni ngokwemisebenzi yezandhla zake; nabantu bo m dumisa emasangweni ngenxa yokwenza kwake.