1UKUHLAKANIPA a ku memezi na? Ukuqonda a ku pimise izwi lake na?
2Esipongweni sezindawo ezipakamileyo, ngasendhleleni pakati kwemendo, ku yema.
3Ngasemasangweni, ngasekuqaleni komuzi, ekung neni kweminyango ku ya memeza.
4Kinina bantu, ngi ya memeza; nezwi lami li kumadodana abantu.
5Nina abangahlakanipile yazisani ukululeka, nina ziula yazisani ngenhliziyo.
6Yizwanini, ngokuba ngo kuluma okukulu, nokukamisa komlomo wami ko ba ngokulungileyo.
7Ngokuba umlomo wami wo kuluma iqiniso, ku ti ukungalungi ku ngokunengekileyo ezindebeni zami.
8Onke amazwi omlomo wami a sekulungiseni, a ku konto ku wona ekohlisayo, epambukileyo.
9A lungile onke ku yena o wa zisayo, a sobala kubona aba ku funyene ukwazi.
10Yamukela ukufundisa kwami, u ngamukeli isiliva, nokwazi ku negolide eliketiweyo.
11Ngokuba ukuhlakanipa ku lungile ku namaparele, nezinto zonke ezi yigugu a zi lingani nako.
12Mina ukuhlakanipa ngi hlala nokululeka, ku te ukwazi kwamacebo aqondileyo ngi ya kufunyana.
13Ukumesaba uJehova ku ngukuzonda okubi: ukuzidhla, nokuzipakamisa, nokubamba okubi, nomlomo opambukayo ngi ya u zonda.
14Ukuqonda ku kimi, nokuqondisa; ngi ngukwazisisa; amandhla a kimi.
15Amakosi a busa ngami, nezikulu zi misa ukulungisa.
16Izinduna zahlulela ngami, nabakulu bonke, abateti bezwe.
17Ngi ba tanda a ba ngi tandayo, nabo aba ngi funisisayo ba ya ku ngi funyana.
18Imfuyo nodumo ku kimi, ingcebo enhle nokulunga.
19Isitelo sami sihle ku negolide, ku negolide elihle, nenzuzo yami ku nesiliva eliketiweyo.
20Ngi ya hamba endhleleni yokulunga, pakati kwezindhela zokwahlulela.
21Ukuze ngenze aba ngi tandayo ba be nemfuyo, nezinyango zabo ngo zi gcwalisa.
22uJehova wa ngi dala, ngi ukuqala kwendhlela yake, ngapambili kwemisebenzi yake yendulo.
23Kwa pakade nga gcotywa kwasekuqaleni, izwe li nga ka biko.
24Lapo ku ngeko okujulileyo be ngi zelwe; lapo ku ngeko nemitombo e namanzi amaningi.
25Zi nga ka qini izintaba, i nga ka biko imimango, be ngi zelwe.
26E be e ngenzanga umhlabati o linywayo, namahlane, nokuqala kotuli lwezwe.
27Na lapo e be lungisile izulu, nga be ngi kona mina; ekubaleni kwake isiyinge ebusweni bolwandhle:
28Ekumiseni kwake amafu a ngapezulu, ekwenzeni imitombo yolwandhle i be namandhla:
29Ekumiseleni kwake ulwandhle umkaulo, ukuze amanzi a ngeqi izwi lake; ekumiseni kwake izisekelo zomhlaba:
30Be ngi kuye ngi isisebenzi, imihla ngemihla be ngi injabuliso; ngi tokoza pambi kwake zonke izikati.
31Be ngi jabula ezweni lake elakiweyo; izitokoziso zami za zi kanye namadodana abantu.
32Kaloku lalelani kimi bantwana, ngokuba ba ya busiswa aba gcina izindhlela zami.
33Yizwani isifundiso, ni hlakanipe, ni nga si nqabeli.
34U busisiwe o ngi zwayo, e linda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, e qapela ngasezinsikeni zezivalo zami.
35Ngokuba o ngi fumanayo, u ya funayana ukupila, wo zuza umusa kuJehova.
36Kanti o nga ngi funyani, u ya wona umpefumlo wake, bonke aba ngi zondayo ba tanda ukufa.