IZIHLABELELO 112
1DUMISANI uJehova. U ya busiswa umuntu o m esaba uJehova; o tokoza kakulu ngeziyalezo zake.
2Inzalo yake yo ba namandhla emhlabeni; isizukulwane sabalungileyo si ya kubusiswa.
3Ingcebo nemfuyo i sendhlini yake; ukulunga kwake ku mi pakade.
4Ku ya pumela kubo abalungileyo ukukanya ebumnyameni, ukuti kuye o nomusa ohaukelayo olungileyo.
5Umuntu olungileyo u nomusa, u ya tyeleka; wo pasa izindaba zake ngokwahlulela.
6Impela a ka yi ku zanyazanyiswa ku ze ku be pakade; olungileyo u ya ku ba ekukunjulweni njalo.
7A ka yi kwesaba ngemibiko emibi; inhliziyo yake i mi, i temba kuJehova.
8Inhliziyo yake i pasiwe, a ka yi kwesaba; a ze a buke izita zake.
9U hlakazile, u ba nikele abampofu; ukulunga kwake ku mi ku ze ku be pakade; upondo lwake lu ya kupakama ngodumo.
10Omubi wo bona, a cunuke; wo gedhla amazinyo ake, a ncibilike; ukufisa kwababi ko buba.
Bible Society of South Africa 1893