IZIHLABELELO 113
1DUMISANI uJehova. Dumisani uJehova nina zinceku zika Jehova; ni li dumise igama lika Jehova.
2Ma li bongwe igama lika Jehova manje ku ze ku be pakade.
3Ku suke empumalanga ku ze ku be sentyonalanga ma li dunyiswa igama lika Jehova.
4uJehova u pakeme pezu kwezizwe zonke; udumo lwake lu pezu kwezulu.
5Ubani o njengoJehova uTixo wetu o zipakamisela ukuhlala.
6O kotama ukubona ezulwini na semhlabeni!
7U ya vusa odangeleyo otulini, a pakamise ompofu ezaleni.
8Uku m hlalisa nezikulu, izikulu zabantu bake.
9U hlalisa o yinyumbakazi endhlini a be unina wabantwana otokozayo. Dumisani uJehova.
Bible Society of South Africa 1893