1U NGA niki tina, Jehova, u nga niki tina, kodwa egameni lako nika udumiso ngenxa yomusa wako, na ngenxa yeqiniso lako.
2Izizwe zi ya kutyo ngani ukuti; U pi po uTixo wabo?
3Kepa uTixo wetu u sezulwini; wenza konke a ku tandayo.
4Izitombe zabo zi isiliva negolide, umsebenzi wezandhla zomuntu.
5Zi nomlomo kepa a zi kulumi; zi namehlo kepa a zi boni.
6Zi nezinhlebe kepa a zi zwa; zi nempumulo kepa a zi nuki.
7Zi nezandhla kepa a zi pati; zi nezinyawo kepa a zi hambi; a zi kulumi empinjeni wazo.
8Abazenzayo ba ya fana nazo; nabo bonke aba temba kuzo.
9Israeli, temba wena kuJehova; yena u ngukusiza kwabo nesihlangu sabo.
10Nina ndhlu ka Aroni, tembani kuJehova; yena u ngukusiza kwabo nesihlangu sabo.
11Nina e ni m esabayo uJehova tembani kuJehova; yena u ngukusiza kwabo nesihlangu sabo.
12uJehova u si kumbulile; wo si busisa; wo busisa indhlu ka Israeli, wo busisa indhlu ka Aroni.
13Wo ba busisa a ba m esabayo uJehova, abancane nabakulu.
14uJehova u ya kwenezela kini, kinina na kubantwana benu.
15Ni ya busiswa ngoJehova o wenza izulu nomhlaba.
16Izulu li izulu lika Jehova; kanti umhlaba wa wu nika abantwana babantu.
17Abafileyo a ba m dumisi uJehova, ku suke ku lesisikati ku ze ku be pakade. Dumisani uJehova.