1BONGANI uJehova; ngokuba u lungile; ngokuba umusa wake u pakade.
2A ke a ti uIsraeli, umusa wake u pakade.
3Ma i tike indhlu ka Aroni, umusa wake u pakade.
4Bona aba m esabayo uJehova ma ba tike, umusa wake u pakade.
5Nga m biza uJehova encingweni; uJehova wa ngi lalela wa ngi beka endaweni ebanzi.
6uJehova u kimi, a ngi yi kwesaba; umuntu a ngenzani kimi na?
7uJehova u kimi pakati kwaba ngi sizayo; ngo buka abazondi bami.
8Ku lungile ukupepela kuJehova ku nokutemba umuntu.
9Ku lungile ukupepela kuJehova ku nokutemba izikulu.
10Izizwe zonke za ngi zungeza; kepa ngo ba nquma ngegama lika Jehova.
11Za ngi zungeza; ehe za ngi zungeza, kepa ngo zi nquma ngegama lika Jehova.
12Za ngi zungeza njengezinyosi; zi cimile njengomlilo wameva, kepa ngo zi nquma ngegama lika Jehova.
13U ngi kapezile nokukapeza ngi we; kanti uJehova u ngi sizile.
14uJehova u ngamandhla ami nesihlabelelo sami; futi wo ba ukusindisa kwami.
15Izwi lokumemeza ngenjabulo, nelokusindiswa li sezindhlini zabalungileyo; isandhla sokunene sika Jehova senza oku namandhla.
16Isandhla sokunene sika Jehova si pakeme, isandhla sokunene sika Jehova senza oku namandhla.
17A ngi yi kufa, kanti ngi ya kupila; ngi shumayele izenzo zika Jehova.
18uJehova u ngi tyayile kakulu; kepa a ka ngi nikelanga ekufeni.
19Ngi vulele amasango okulunga; ngo ngena kuwo, ngi bonge uJehova.
20Lelisango lika Jehova, abalungileyo ba ya kungena kulo.
21Ngo ku bonga; ngokuba u ngi zwile; weza wa ba ukusindiswa kwami.
22Itye a ba li nqabayo abaki, la ba inhloko yegumbi.
23Loku ku be kuJehova; ku ngokumangalisayo emehlweni etu.
24uJehova wenzile lolusuku; si ya kwetaba si jabule ngalo.
25Au Jehova, sindisa ngi ya kuncenga; au Jehova, busisa.
26U ya busiswa yena ozayo egameni lika Jehova; tina si ni busisile kwa sendhlini ka Jehova.
27uTixo u nguJehova, futi u kanyisile kitina; bopani inkomo ehlatyiweyo ngemicilo ezimpondweni zelati.
28Wena u nguTixo wami, ngo ti ngi ku bonge; Tixo wami ngo ku pakamisa.
29Bongani uJehova ngokuba u lungile; ngokuba umusa wake u pakade.