IZIHLABELELO 13
Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, wo ngi kohlwa impela ku ze ku be nini na? wo siteza ubuso bako kimi ku ze ku be nini na?
2Ngo zindhla empefumlweni wami, ngi nokuhlupeka enhliziyweni yami imihla yonke ku ze ku be nini na? isita sami si ya ku zipakamisa pezu kwami ku ze ku be nini na?
3Bona, u lalele kimi, Jehova Tixo wami; u kanyise amehlo ami, funa ngi lale ukufa.
4Funa isita sami si tyo, uku ti, Se ngi m ahlulile; naba ngi cindezelayo ba jabule uma ngi zanyazanyiswa.
5Kepa ngi tembile emuseni wako, inhliziyo yami yo jabula ekusindisweni kwako.
6Ngo hlabelela kuJehova, ngokuba u ngenzele okuhle.
Bible Society of South Africa 1893