IZIHLABELELO 149
1DUMISANI uJehova. Vumani kuJehova igama elitya, nodumo lwake emhlanganweni wabalungileyo.
2Ma ka jabule uIsraeli ngoMenzi wake; ma betabe abantwana ba seZioni ngeNkosi yabo.
3Ma ba dumise igama lake ngokusina; ma ba hlabelele kuye ngezingubu nogubu.
4Ngokuba uJehova u ya tokoza ngabantu bake; wo hlobisa abatambileyo ngokusindiswa.
5Abalungileyo ma betabe ngodumo; ma ba hube ngenjabulo ezinkukweni zabo.
6Ukupakanyiswa kuka Jehova ma ku be emipinjeni yabo; nenkemba e nezinsiko ezimbili ezandhleni zabo.
7Ukwenza impindiselo ezizweni nokutyaya ebantwini
8Ukubopa amakosi azo ngamaketango, nabadumileyo babo ngezibopo zensimbi.
9Ukwenza pezu kwazo isahlulelo esilotyiweyo; loludumiso lu kubo abangcwele bonke bake; Dumisani uJehova.
Bible Society of South Africa 1893