NgoDavida.
1KU wena, Jehova, ngi ya pakamisa umpefumlo wami.
2Tixo wami ngi yetemba kuwe; ma ngi nga jabi; izita zami ma zi ngetabi ngami.
3Yebo bonke a ba beka kuwe ma ba nga jabi; ma ba jabe bona a ba pambeka ngeze.
4Ngazise izindhlela zako, Jehova, u ngi fundise izinyatelo zako.
5Ngi hambise eqinisweni lako, u ngi fundise; ngokuba wena u nguTixo wokusindiswa kwami; ngi ya bheka wena imihla yonke.
6Kumbula umhau wako, Jehova, nomusa wako; ngokuba wona wa bu kona napakade.
7Ma u nga kumbuli izono zobutya bami, nezipambeko zami; njengomusa wako ngi kumbule wena, ngenxa yokulunga kwako, Jehova.
8U lungile uqoto uJehova; ngako wo fundisa izoni indhlela.
9U ya hambisa abatobekileyo ngokwahlula; a fundise abatobekileyo indhlela yake.
10Izinyatelo zonke zika Jehova zi ngumusa neqiniso kubo aba gcina uvumelwano lwake nezimiso zake.
11Ngenxa yegama lako, Jehova, yekela ukonakala kwami; ngokuba ku kulu.
12Umupi lomuntu o m esabayo uJehova; wo m bonisa indhlela a yi ketayo.
13Umpefumlo wako wo hlala ngokuhle; i ti inzalo yake i zuze izwe.
14Inhlangano ka Jehova i kubo a ba m esabayo; novumelwano lwake u lwazisa lona.
15Amehlo ami a kuye uJehova njalo; ngokuba yena wo pumisa izinyawo zami esihibeni.
16Pendukela kimi, u be nomusa kimi; ngokuba ngi nesizungu, ngi katazekile.
17Izinkatazo zenhliziyo yami zi kulile; ngi pumise ezinhlupekweni zami.
18Bheka ukukatazeka kwami, nomunyu wami; u yekele zonke izono zami.
19Bona izita zami; ngokuba ziningi; zi ya ngi zonda ngenzondo yonya.
20Londoloza umpefumlo wami, u ngi kulule; ma ngi nga jabi ngokuba ngi yetemba kuwe.
21Ubumhlope nokulunga ma ku ngi gcine; ngokuba ngi bheka wena.
22Tixo, hlenga uIsraeli kuzo zonke izinkatazo zake.