IZIHLABELELO 28
NgoDavida.
1NGI ya kukala kuwe, Jehova, dwala lami; u nga tuli kimi, funa u ti ukutula kimi ngi fane nabo a ba tyona emgodini.
2Lalela kulo izwi lokunxusa kwami ekuncengeni kwami kuwe, ekupakamiseni kwami izandhla zami endaweni yako e ingcwele.
3U nga ngi holi kanye nababi, kanye nabo a benza okubi, a ba kuluma ukutula nabangane babo, kanti ukonakala ku sezinhliziyweni zabo.
4Ba nike njengokwenza kwabo, na njengobubi bemisebenzi yabo; ba nike njengokwenza kwezandhla zabo, u buyisele kubo ukwenza kwabo.
5Ngokuba a ba nakanga ukwenza kuka Jehova, nokusebenza kwezandhla zake, wo ba hlakaza, a nga baki.
6Ma ka bongwe uJehova, ngokuba u zwile izwi lokuncenga kwami,
7uJehova u ngamandhla ami, nesihlangu sami; inhliziyo yami i bi temba kuye, futi ngi siziwe; ngako ngi ya kwetaba, ngi m bonge ekuhlabeleleni kwami.
8uJehova u ngamandhla ake, yena u yinqaba yokusindiswa kogcotyiweyo wake.
9Sindisa abantu bako, u busise ifa lako; u ba funze, u ba pakamise ku ze ku be pakade.
Bible Society of South Africa 1893