NgoDavida ekuzenziseni kwake pambi kuka Abimeleki, o wa m xotya, wa ze wemuka.
1NGO m bonga uJehova ngezikati zonke; ukudunyiswa kwake ko ba njalo emlonyeni wami.
2Umpefumlo wami wo zincoma ngoJehova; abatobekileyo ma bezwe ba jabule.
3Kulisani uJehova nami, ma si pakamise igama lake kanye.
4Nga m funa uJehova, wa ngi zwa, wa ngi kulula kuwo onke amavuso ami.
5Ba ya bheka kuye ba lulame; a bu yi ku jaba ubuso babo.
6Low' ohlupekayo wa kala, uJehova wezwa, wa m sindisa kuzo zonke izinhlupeko zake.
7Ingelosi ka Jehova i hlezi ngokuzungeza ku bona aba m esabayo i ba kulule.
8Yizwani ni bone ukuba uJehova u lungile; u ya busiswa umuntu o wetemba kuye.
9Mesabeni uJehova nina bangcwele bake; ngokuba akuko ukudinga ku bona aba m esabayo.
10Izingonyama ezintya zi ya swela, zi lambe; kepa bona a ba m funayo uJehova a ba yi ku dinga uto oluhle nolu lodwa.
11Zanini bantwana, ni lalele kimi; ngo ni fundisa uku m esaba uJehova.
12U mupi umuntu o tanda ukupila, o fisa imihla ukuze a bone okulungileyo na?
13Gcina ulimi lwako ebubini, nezindebe zako zi nga kulumi inkohliso.
14Deda ebubini, wenze okulungileyo, funa ukutula u ku landele.
15Amehlo ka Jehova a pezu kwabalungileyo, nezindhlebe zake zi kuko ukukala kwabo.
16Ubuso buka Jehova bu kubo aba sebenza okubi, ukunquma ukukunjulwa kwabo emhlabeni.
17Abalungileyo ba ya kala, uJehova u yezwa, a ba sindise kuzo zonke izinkatazo zabo.
18uJehova u seduze nabo abadabukileyo enhliziyweni; a ba sindise bona abatobekileyo emoyeni.
19Ku ningi okubi kuye olungileyo; kanti uJehova u ya m sindisa kuko konke.
20U ya gcina onke amatambo ake; a lapuki neli lodwa kuwo.
21Okubi ku ya bubisa omubi; futi bona aba zonda olungileyo ba necala.
22uJehova u ya kulula umpefumlo wezinceku zake; a ba nacala bonke a ba temba kuye.