IZIHLABELELO 36
Kumholi wokuhlabelela, ngoDavida inceku kaJehova.
1INSHUMAYELO yokupambeka kuye omubi, i ti pakati kwenhliziyo yami. Akuko ukumesaba uTixo pambi kwamehlo ake.
2Ngokuba u ya zikohlisa emehlweni ake, a ze a fumane icala lake, li zondeka.
3Amazwi omlomo wake a ize nenkohliso; u yekile ukuhlakanipa, nokwenza okulungileyo.
4U ya cabanga ukonakalisa embedeni wake; u ya zimisa endhleleni e nga lungile; a ka zondi okubi.
5Jehova, umusa wako u sezulwini; ukukolisa kwako ku semafwini.
6Ukulunga kwako ku njengezintaba zika Tixo; izahlulo zako zi ngulwandhle olukulu; Jehova, u ya ba londoloza abantu nezinkomo.
7Umusa wako Tixo u nentengo engaka! ngako amadodana abantu a ya kwetemba etunzini lamapiko ako.
8Ba ya kusuta ngokumnandi kwendhlu yako, wena wo ba puzisa ngomfula wentokozo yako.
9Ngokuba umtombo wokupila u kuwe, ekukanyeni kwako si ya kubona ukukanya.
10Jobelela umusa wako kubo a ba kwaziyo, nokulunga kwako kubo abaqoto enhliziyweni.
11Unyawo lokuzidhla ma lu nga sondeli kimi isandhla sababi ma si nga ngi xotyi.
12Lapo ba wile kona abasebenzi bokubi, ba wisiwe pansi, a ba yi ku ba namandhla okuvuka.
Bible Society of South Africa 1893