IZIHLABELELO 63
Isihlabelelo nguDavida lapo wa e sehlane la seJuda.
1TIXO, u nguTixo wami wena, ngo ku funisisa; umpefumlo wami u ya komela; inyama yami yondela wena ezweni elomileyo eli dungalisayo, eli nge namanzi;
2Ngi bone amandhla ako, nokukazimula kwako, njengaloku e ngi ku bonileyo endaweni e ingcwele.
3Ngokuba umusa wako u mnandi ku nokupila; izindebe zami zo ku babaza.
4Njalo ngo ku bonga ekupileni kwami; egameni lako ngo pakamisa izandhla zami.
5Umpefumlo wami wo suta amafuta nokunona; ko ti umlomo wami u dumise wena ngezindebe ezetabayo.
6Uma ngi ku kumbula embedeni wami, ngi zindhla ngawe ngemilindo yobusuku.
7Ngokuba u be ukusiza kwami, ngi ya kwetaba nasetunzini lamapiko ako.
8Umpefumlo wami u ya bambelela kuwe; isandhla sokunene sako si ya ngi pasa.
9Kepa bona a ba funa umpefumlo wami uku wu cita, ba ya kuya ezindaweni ezingapansi komhlaba.
10Ba ya kunikelwa esandhleni senkemba; ba be isabelo sezimpungutye.
11Kepa inkosi yo jabula kuTixo; bonke aba funga ngaye ba ya kwetaba; kanti umlomo wabo aba kuluma amanga wo vinjwa.
Bible Society of South Africa 1893