Kumholi wokuhlabelela. Igama. Isihlabelelo.
1LIZWE lonke hubelani ngenjabulo kuTixo.
2Hlabelelani udumo lwegama lake; ni nike udumo lokubongwa kwake.
3Yityoni kuTixo, ukuti, U yesabeka kangakanani ekwenzeni kwako! ngobuningi bamandhla ako izita zako zi ya kukulalela ngenkohliso.
4Izwe lonke li ya kukuleka kuwe, li hlabelele kuwe; li ya kuhlabelela igama lako. Sela.
5Hambani ni bone imisebenzi ka Tixo; u yesabeka ekwenzeni kwake pezu kwabantwana babantu.
6Wa guqula ulwandhle lwa ba umhlabati o womileyo; ba wela umfula ngezinyawo, lapo sa jabula kuye.
7U ya busa ngamandhla ake ku ze ku be pakade; amehlo ake a ya linda izizwe; abahlubuki a ba yi ku zipakamisa. Sela.
8Bongani uTixo wetu nina bantu, ni zwakalise izwi lokubongwa kwake.
9O ya beka imipefumlo yetu ekupileni, e nga niki izinyawo zetu ekuzamazameni.
10Ngokuba wena Tixo u si lingile; u si cwengisisile njengokucwengisiswa kwesiliva.
11U si ngenisile esihibeni; u bekile umtwalo okalweni lwetu.
12U hambisile abantu pezu kwamakanda etu; sa ya emlilweni nasemanzini; kanti wa si pumisela endaweni e vundileyo.
13Ngo ngena endhlini yako ngeminikelo etyisiweyo, ngi hlaule kuwe ukufunga kwami,
14O ku vulekelwe izindebe zami noku kulunywe umlomo wami ekuhlupekeni kwami.
15Ngo ku nikela iminikelo e tyisiweyo yezinonileyo, namafuta ezinqama; ngi ya kulungisa izinkomo kanye nezimbuzi. Sela.
16Yizani, ni zwe nonke, nina e ni m esabayo uTixo, ngi ya kulanda loku a kwenzele umpefumlo wami.
17Nga kala kuye ngomlomo wami; lwa ti udumiso lwa ba pansi kolimi lwami.
18Uma be ngi naka ukonakala enhliziyweni yami, iNkosi nga i nga ngizwanga;
19Kantike uTixo u ngi zwile; u lalele kulo izwi lokukuleka kwami.
20U busisiwe uTixo o nga putisanga ukukuleka kwami, nomusa wake kimi.