1JEHOVA, ngi yetemba kuwe; ma ngi nga bi namahloni ku be ngunapakade.
2Ngi sindise ekulungeni kwako, u ngi punyule; nika indhlebe yako kimi, u ngi sindise.
3Yiba kimi idwala lokupumula ngi ye kona njalo; u yalezile uku ngi sindisa; ngokuba wena u iwa lami, inqaba yami.
4Tixo ngi sindise esandhleni somubi, empameni yongalungile neyomhlupi.
5Ngokuba wena u yitemba lami, Nkosi Jehova; u yitemba lami nasebutyeni bami.
6Ngi be ngi paswa nguwe na sesiswini; wena u be u ngahlulela kwa sematunjini ka mame; ukubongwa kwami ko ba ngawe njalo.
7Ngi isimangaliso kwabaningi; kepa wena u yisipepelo sami esi namandhla.
8Umlomo wami ma u gcwale ukubongwa kwako, nokudunyiswa kwako imihla yonke.
9U nga ngi lahli ngesikati sobudala; ekupeleni kwamandhla ami u nga ngi shiyi.
10Ngokuba izita zami zi ya kuluma nga kimi; bona aba qapela umpefumlo wami be hlebelana.
11Ba ti, uTixo u m shiyile; zingelani ni m bambe; ngokuba amuko osindisayo.
12Tixo, u nga bi kude nami, Tixo wami, tyetya uku ngi siza.
13Abapambeneyo nompefumlo wami ma ba jabe, ba qedwe; ma ba mbate ukujeziswa nehlazo aba funa ukonakaliswa kwami.
14Kepa mina ngi ya kwetemba njalo, ngenezele pezu kokubongwa kwako konke.
15Umlomo wami wo landisa ukulunga kwako imihla yonke; nokusindisa kwako, ngokuba a ngi kwazi ukubalwa kwazo.
16Ngi ya kuya emandhleni eNkosi uJehova; ngi bonge ukulunga kwako, okwako ukupela.
17Tixo u ngi fundisile ku suke ebuntwaneni bami; ku ze ku be namanje, ngi be ngi shumayela imimangaliso yako.
18Futi ngi ze ngi be mdala ngi be mpunga, Tixo, ma u nga ngi shiyi; ngi ze ngi shumayele ingalo yako kuso isizukulwane, na kubo bonke abezayo, ubuqawe bako.
19Futi ukulunga kwako, Tixo ku pakeme kakulu, o kwenzile okukulu; Tixo ubani o njengawe.
20O ngi bonisile izinkatazo eziningi ezimbi, wo buya u ngi pilise, wo buya u ngi kupule ebudeni bomhlaba.
21Wena wo bandisa ubukulu bami, wo penduka u ngi duduze.
22Futi mina ngo ku bonga ngogubu, ngi bonge iqiniso lako, Tixo wami; ngi hlabelele kuwe ngogubu, wena o yingcwele ka Israeli.
23Izindebe zami zi ya memeza ngenjabulo uma ngi hlabelela kuwe, nompefumlo wami o u hlauleleyo.
24Futi ulimi lwami lo kuluma ukulunga kwako imihla yonke; ngokuba ba nezinhloni, ba hlazekile a ba funa ukonakaliswa kwami.