IZIHLABELELO 95
1YIZANI si memeze ngokwetaba kuJehova, si hube ngenjabulo kulo idwala lokusindiswa kwetu.
2Ma si ze pambi kobuso bake ngokubonga, si hube kuye ngezihlabelelo.
3Ngokuba uJehova u nguTixo omkulu, u iNkosi enkulu ngapezu kotixo bonke.
4O nokujulileyo komhlaba esandhleni sake; imisebenzi yezintaba eyake nayo.
5O nalo ulwandhle, yena wa lwenza, nezandhla zake za bumba umhlabati o womileyo.
6Wozani si dumise si kotame; si guqe ebusweni buka Jehova uMenzi wetu.
7Ngokuba yena u nguTixo wetu; tina si ngabantu bedhlelo lake, si yizimvu zesandhla sake, Namhla uma ni li zwa izwi lake,
8Ni nga yenzi i be lukuni inhliziyo yenu, njenga sekucunuleni njenga sosukwini lokusola ehlane.
9Loku oyihlo benu ba be ngi zwa, ba ngi linga, ba bona imisebenzi yami.
10Iminyaka i ngamashumi amane nga ngi cunuka ngesizukulwane; nga buya nga ti, Ba ngabantu aba dukayo, ngenhliziyo, bona, a bazanga izindhlela zami;
11E nga funga olakeni lwami ngabo; ukuba a ba yi ku ngena ekupumuleni kwami.
Bible Society of South Africa 1893