IZIHLABELELO 97
1UJEHOVA u ya busa, ma letabe izwe; ma zi jabule iziqingi eziningi.
2Amafu nobumnyama ku ya m zungeza; ukulunga nokwahlula ku yisisekelo sesihlalo sake sobukosi.
3Umlilo u ya puma ebusweni bake, u tyisa izita zake ezi zungezayo.
4Imibane yake i ya kanyisa izwe, umhlaba u ya bona u tutumele.
5Izintaba zi ya ncibilika ebusweni buka Jehova, ebusweni beNkosi yomhlaba wonke.
6Izulu li ya shumayela ukulunga kwake; ba ti, abantu bonke ba bone udumo lwake.
7Ma ba jabe bonke aba konza ezitombeni ezi baziweyo; a ba zibabazela ize; mu konzeni nina nonke botixo.
8iZioni lezwa la jabula; a ti amadodakazi a seJuda etaba ngenxa yezahlulelo zako, Jehova.
9Ngokuba wena Jehova u ngOpakamileyo pezu komhlaba wonke; u pakeme kakulu pezu kotixo bonke.
10Nina e ni m tanda uJehova ma ni zonde okubi; u ya londa imipefumlo yabalungileyo bake; a ba kulule esandhleni sababi.
11Ukukanya ku hlwanyelelwa olungileyo, nenjabulo, oqoto enhliziyweni.
12Jabulani kuJehova nina balungileyo; ni bonge ekukumbuleni kobungcwele bake.
Bible Society of South Africa 1893