IZIHLABELELO 99
1UJEHOVA u ya busa, ma ba tutumele abantu; u hlezi kuwo amakerubi, ma u zamazame umhlaba.
2uJehova mkulu eZioni, u pakeme pezu kwabantu bonke.
3Ba ya kudumisa igama lako elikulu elisabekayo; li ingcwele lona.
4Futi amandhla eNkosi a ya tanda ukulungisa; wena u ya qinisa ubuqoto; wenza futi ukulungisa nokulunga eJakobe.
5Mu babazeni uJehova uTixo wetu, ni dumise esenabelweni sezinyawo zake; u ingcwele yena.
6uMosi noAroni pakati kwabateteleli bake, noSamueli pakati kwabo aba biza igama lake; ba biza kuJehova, yena wa bezwa.
7Wa kuluma kubo ensikeni yefu; ba gcina izifundiso zake, nomteto a ba nika wona.
8Jehova Tixo wetu, wena wa ba pendula; wa u nguTixo kubo oyekelayo, opindiselayo pezu kwezenzo zabo ezibi.
9Mu babazeni uJehova uTixo wetu, ni dumise entabeni yake e ingcwele; ngokuba u yingcwele uJehova uTixo wetu.
Bible Society of South Africa 1893