1NGA nikwa uhlanga lu njengentonga; ingelosi yema, ya ti, Suka u linganise itempeli lika Tixo, nelati, nabadumisayo kulo.
2Kodwa isihonqa esi ngapandhle kwetempeli, si shiye ngapandhle, u nga si linganisi; ngokuba si piwe izizwe; umuzi ongcwele zi ya kunyatela izinyanga ezimashumi amane nambili.
3Ngi ya kubanika ofakazi ababili bami amandhla; ba ya kuprofeta izinsuku ezi inkulungwane namakulu amabili namashumi a isitupa, bembete indwangu yamasaka.
4Laba ba imihlwati emibili, nezinti zezibani ezibili, ezimiyo pambi kweNkosi yomhlaba.
5Uma umuntu e tanda ukona bona, umlilo u ya kupuma emlonyeni wabo, u tyise izita zabo, noma umuntu e tanda ukubona, nga e bulawa kanjalo.
6Laba ba namandhla ukuvala izulu, ukuba li nga ni ngezinsuku zokuprofeta kwabo; ba namandhla pezu kwamanzi okuba ba wa pendule igazi; ba namandhla okutyaya umhlaba ngezinhlupo zonke, nxa be tandayo.
7Lapo se be qedile ukuqinisa kwabo, isilo esi kupuka emgodini o nge namkaulo, si ya kulwa nabo, si ba nqobe, si ba bulale.
8Izidumbu zabo zi ya kulala endhleleni yomuzi omkulu, o tiwa ngokoMoya iSodoma nEgipite, lapo iNkosi yetu ya betelwa kona.
9Ku ya kuti aba kubantu na bemindeni na bezilimi, na bezizwe, ba bone izidumbu zabo izinsuku ezintatu nenxenye, be nga vumi izidumbu zabo zi fakwe ematuneni.
10Abakileyo emhlabeni ba ya kujabula pezu kwabo, betabe, babelane, ngokuba labobaprofeti ababili ba hlupa abakileyo emhlabeni.
11Emva kwezinsuku ezintatu nenxenye, uMoya wokupila e vela kuTixo wa ngena pakati kwabo, besuka bema ngezinyawo zabo; behlelwa ukwesaba okukulu aba ba bonayo.
12Bezwa izwi elikulu li vela ezulwini, la ti kubo, Kupukani ni ze lapa. Ba kupuka ba ya ezulwini ngefu, izita zabo za ba bona.
13Kwa ku kona nga lesosikati ukuzamazama okukulu komhlaba, kwa wa okweshumi komuzi; kwa bulawa ngokuzamazama komhlaba abantu aba izinkulungwane ezi isikombisa; abaseleyo besaba, ba m dumisa uTixo wezulu.
14Usizi lwesibili lu dhlulile; bheka, usizi lwesitatu lu za kufika masinyane.
15Ingelosi yesikombisa ya beta; kwa ku kona amazwi amakulu ezulwini, a ti, Umbuso wezwe u ngoweNkosi yetu noka Kristu wayo; i ya kubusa ku ze ku be pakade.
16Amalunga amashumi amabili nane a e hlala pambi kuka Tixo ezihlalweni zawo, a kotama ngobuso bawo, a m dumisa uTixo,
17A ti, Si ya ku bonga, Nkosi Tixo Somandhla, o kona, o be kona; ngokuba u tabatile amandhla ako amakulu, u busile.
18Izizwe za zi tukutele, ulaka lwako lu fikile, nesikati sabafileyo, sokuba bahlulelwe nokuba u zi nike izinceku zako umvuzo, abaprofeti, nabangcwele nabesabayo igama lako, nabancane nabakulu, nokuba u ba cite aba li citayo izwe.
19Kwa vulwa itempeli lika Tixo ezulwini, wa bonwa umpongolo wesivumelwano sake etempelini lakel; kwa ku kona unyazi, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesicoto esikulu.