1NGA bona lapo iUndhlu la namulula olunye upau kuzo ezi isikombisa, nga si zwa esinye isidalwa kuzo ezine si ti, kungati ngezwi lokuduma. Woza.
2Nga li bona ihashi elimhlope, naye o kwele pezu kwalo e pete umcibityelo, wa piwa umqele wa puma e nqoba nokuba a nqobe.
3Nalapo wa namulula upau lwesibili ngezwa isidalwa sesibili si ti, Woza.
4Kwa puma elinye, elibomvu, o kwele pezu kwalo wa piwa ukususa ukutula emhlabeni, baze ba bulalane, wa piwa inkemba enkulu.
5Na lapo wa namulula upau lwesitatu, ngezwa isidalwa sesitatu si ti. Woza. Nga li bona ihashi elimnyama, naye o kwele pezu kwalo e pete isilinganiso esandhleni sake.
6Ngezwa izwi pakati kwezidalwa ezine, li ti ikwarti lika kolweni ngedenario, amakwarti amatatu ebarle ngedenario u ngoni amafuta newaini.
7Na lapo wa namulula upau lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine, si ti, Woza.
8Nga bona ihashi eliluhlaza, naye o kwele pezu kwalo, igama lake la li uKufa, ihaidese la hamba naye. Ba piwa amandhla pezu kokwesine komhlaba, okuba ba bulale ngenkemba, na ngendhlala, na ngokufa, na ngezilo zomhlaba.
9Na lapo wa namulula upau lwesihlanu, nga bona pansi kwelati abantu aba be bulelwe ngezwi lika Tixo, na ngokuqinisa kwabo.
10Ba memeza ngezwi elikulu ba ti, Ko za ku be nini, Nkosi engcwele neqinisileyo, u nga ba lahli u si pindisele igazi letu kwaba hleziyo emhlabeni na?
11Ba piwa bonke izingubo ezimhlope, kwa tyiwo kubo ukuti, ba za kupumula isikatyana, ba ze ba pelele abakonzayo nabo, nabazalwane babo aba za kubulawa njengabo.
12Nga bona lapo wa namulula upau lwesitupa, kwa ku kona ukuzamazama komhlaba okukulu, ilanga la ba mnyama njengendwangu yoboya; inyanga ya ba njengegazi,
13Izinkanyezi zezulu za wa emhlabeni, njengomkiwane u vutulula izinhlamvu zawo ezi nga vutiwe, u zanyazanyiswa umoya omkulu.
14Izulu la muka njengencwadi esongiweyo, izintaba zonke, neziqingi zonke za suswa ezindaweni zazo.
15Amakosi omhlaba, nezikulu, nezinduna, nabacebileyo naba namandhla, nezigqili zonke, nabakululekileyo bonke ba zifihla emipandwini, na sematyeni a sezintabeni,
16Ba ti ezintabeni na sematyeni, Yiwani pezu kwetu, ni si fihle ebusweni ba lowo o hlala esihlalweni, na solakeni lweUndhlu,
17Ngokuba usuku olukulu lolaka lwake se lu fikile, ubani o namandhla okuma na?