1UPAULE, inceku ka Jesu Kristu, o bekiwe a be umpostoli, wahlukaniselwa ivangeli lika Tixo,
2A li shumayela pambili ngabaprofeti bake emibalweni e ingcwele,
3ngeNdodana yake, eya vela enzalweni kaDavida ngokwenyama;
4Ya miswa ngamandhla i be iNdodana kaTixo ngokomoya wobungcwele, iloku ya vuka kwabafileyo, uJesu Kristu, iNkosi yetu:
5Esamkeliswa ngaye umusa nobupostoli, ku be ukulalela ngokukolwa ngegama lake ezizweni zonke:
6Eni ngaba kuzo nani, ababiziweyo baka Jesu Kristu:
7Kubo bonke abatandiweyo baka Tixo ba seRoma, ababiziweyo ba be abangcwele, a ku be kini umusa nokutula oku vela kuTixo, uBaba wetu, na seNkosini, uJesu Kristu.
8Kuqala, ngi ya bonga uTixo wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukolwa kwenu ku batyazwa ezweni lonke.
9Yebo, uTixo, engi m konzayo ngomoya wami, ngevangeli leNdodana yake, u ngufakazi wami wokuti, a ngi pezi ukunikumbula;
10Ngi nxusa ekukulekeni kwami ngesikati sonke, se nga ti mhlaumbe ngi nga hamba kahle, ngi ze kini ngentando ka Tixo.
11Ngokuba ngi nxanele ukunibona, ngi ze ngi nabele okomoya, ni qiniseke;
12Loku ku ti, ngi tokoziswe kanye nani pakati kwenu ngokukolwa kwetu, okwenu nokwami.
13A ngi tandi, bazalwane, ukuba ni hlale ni ngazi loku ukuti, kaningi nga be ngi ti, ngi za kuza kini (kepa ngi tiyekile ku ze ku be manje), ukuba ngi be nezitelo kinina njenga kwezinye izizwe.
14Ngi necala kumaGreki, na kumaBarbari, kwabahlakanipileyo na kwabangahlakanipile.
15Njalo se ngi lungele ukushumayela ivangeli na kinina ba seRoma.
16A ngi namahloni ngevangeli; li ngamandhla ka Tixo okusindisa bonke abakolwayo, abaJuda kuqala namaGreki.
17Ku ya bonakaliswa ngalo ukulunga kuka Tixo ngokukolwa, ku be ukukolwa; njengokulotyiweyo ukuti, Olungileyo u ya kupila ngokukolwa kwake.
18Ku ya bonakaliswa nga sezulwini ukutukutela kuka Tixo ngako konke okubi nokungalungi kwabantu, aba tiya iqiniso ngokungalungi;
19Ngokuba ukwaziwa kuka Tixo ku sobala pakati kwabo, uTixo u ku bonakalisile kubo.
20Okungabonakaliyo kwake, ukuti, amandhla ake a pakade nobutixo bake, ku ya bonakaliswa ku zwiswa ngezinto ezidatyuliweyo; njalo ka ba nakupendula,
21Ngokuba be m azi uTixo, kepa a ba m dumisanga, a ba m bongisanga okuka Tixo; ba bonakele ngokuzindhla kwabo, inhliziyo yabo engaqondiyo ya ba mnyama.
22Ngokuzityo ba hlakanipile, ba ba iziula.
23Ubukosi buka Tixo ongabubiyo ba bu pendula izitombe ezi fana nabantu ababubayo, nezinyoni, nezilwane ezi nezinyawo ezine, nezilwanyanyana.
24Ngaloku uTixo wa ba yeka ezinkanukweni zezinhliziyo zabo, ba ngcole, ba yone imizimba yabo bodwa:
25Iqiniso lika Tixo ba li pendula amanga, ba hlonipa ba konza okudatyulwayo ku naye odabulayo, obongekayo ku ze ku be pakade. Ameni.
26Ngaloku uTixo wa ba yeka ba fise okubi: abesifazana babo ba pendula umkuba wokudabuka u pambene nokokudabuka:
27Njalo namadoda a yeka umkuba wesifazana ngokudabuka, a tya ngokukanukana kwawo; amadoda enzana namadoda okubi, a yamkela impindiselo yokweduka kwawo efaneleyo.
28Loku ba be nga tandi ukuhlala be m azi uTixo, uTixo wa ba yeka ba be nenhliziyo edelekileyo, benze oku nga fanele;
29Be gcwele ukona konke, ukuhlobonga, nokushinga, nokufisa, nokuzonda; be zele umona, nokubulala, nenkani, nenkohliso, nokonakala;
30Abahlebi, abaqambeli, abazonda uTixo, abahlupayo, abazidhlayo, abazikulisayo, abaqamba okubi, abangalaleli ababazalayo.
31Abangaqondiyo, abangatembekiyo, aba nge namusa, aba nge nakutuliswa, abangahaukeliyo;
32Noma be wazi umyalo ka Tixo wokuti, abenza okunjalo ba fanele ukufa, a benzi loku kupela, kepa ba buye ba vumelane nabakwenzayo.