1NGI ya ni ncenga ngaloku, bazalwane, ngesihau sikaTixo, ukuba ni nikele imizimba yenu, i be umnikelo opilileyo o ingcwele, okolekileyo kuTixo, oku inkonzo yenu yokuqonda.
2Ni nga lingisi lelizwe, ni pendukezelwe ngokwenziwa i ze i bentya inhliziyo yenu, ukuze ni bonisise oku intando ka Tixo, enhle, etandekayo, epeleleyo.
3Ngomusa engi u piweyo, ngi tyo kubo bonke ba kini, ukuba ba nga zindhlekeli ba ti bakulu ku nokubafanele ba zindhlekele ngako, ma ba zindhlekele ngokuqonda, njengokuba uTixo e babele ilowo isilinganiso sokukolwa.
4Njengokuba si namalungu amaningi emzimbeni munye, kepa amalungu onke a ka hlangani ngomsebenzi munye.
5Njalo tina, si baningi, si umzimba munye kuKristu; si ngamalungu, omunye u ilungu komunye.
6Ku njalo, loku si nezipiwo ezahlukeneyo ngomusa esi u piweyo noma si nesokuprofeta, a si profete ngesilinganiso sokukolwa;
7Noma si nesokukonza, a si konze; ku ti ofundisayo, a fundise;
8Noyalayo, a yale; noabelayo, abele ngesihle; nobusayo, a buse ngokuqinisa; nohaukelayo, a haukele ngokutokoza.
9Utando ma lu nga bi nakuzenzisa. Ma ni nengwe okubi, ni namatele kokulungileyo.
10A ni tandane ngokutandana kwabazalwane; ni ncintisane ngokudumisa.
11Ni nga nqeni ukukutala, ni vute emoyeni, ni konze iNkosi;
12Ni jabule ni netemba; ni bekezele ekuhlupekeni: ni qinise ukukuleka;
13Yabelani abangcwele ukudinga kwabo; ni be mnene kwabangenisayo.
14Ba busiseni aba ni hlupayo; busisani, ni nga tuki.
15Tokozani nabatokozayo, ni kale nabakalayo.
16A ni benhliziyonye; ni nga kanuki okupakamileyo, ni holwe okutobekileyo; ni nga zityo ni ti ni hlakanipile.
17Ni nga pindiseli okubi ngokubi. Yenzani okuhle ebusweni babantu bonke.
18Uma ku ngenzeka, hlalani kahle nina nabantu bonke, ni be nokutula.
19Ni nga zipindiseli, batandwa; ni dedele ulaka; ngokuba ku lotyiwe ukuti, Okwami ukupindisela; ngi ya kupindisela mina, i tyo iNkosi.
20Njalo uma ku lambe isita sako, u si pe ukudhla, noma somile, u si puzise, ngokwenza loku u ya kufumbela amalahle avutayo ekanda lake.
21U nga nqotywa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.