1KEPA kuluma wena okufanele ukufundisa oku isiminya:
2Kokuti, abesilisa abakulile a ba be ngabaqondayo, abaqoto, abahlonipekayo, aba qinisekileyo ekukolweni, na sekutandeni na sekubekezeleni.
3Ku njalo abesifazana abakulile, a ba hambe ngokufanele ubungcwele, ba nga bi abahlebayo, ba nga bi izidakwa, ba fundise okuhle;
4Ukuze ba fundise abesifazana abatya ba tande amadoda abo, ba tande abantwana baho,
5Ba qonde, ba be mhlope, ba hlale emakaya, ba be mnene, ba hlonipe amadoda abo, ukuba izwi lika Tixo li nga tukwa.
6Ku njalo abesilisa abatya, u ba luleka ba qonde.
7U be umboniso wemisebenzi elungileyo ezintweni zonke; ekufundiseni u bonise oku iqiniso, nokuhlonipeka,
8Nokukuluma okuqondileyo, okungasolekiyo; ukuba opikayo a be namahloni, a nga bi nakukuluma okubi ngati.
9Luleka izisebenzi zi lalele amakosi azo, zi be zinhle kuwo ezintweni zonke, zi nga piki;
10Zi nga godhli luto, zi tembeke izindawo zonke; ku ze ku tuswe ukufundisa kuka Tixo, umSindisi wetu, ezintweni zonke.
11Ngokuba umusa ka Tixo wokusindisa waziwa abantu bonke.
12U si fundisa, ukuba si dele okubi, nezinkanuko zomhlaba, si hlale ngokuqonda, na ngobuqoto, na ngokulunga ezweni esi kulo;
13Si bheka itemba elibongekayo nokuvela nobukosi buka Tixo omkulu, nomSindisi wetu uJesu Kristu;
14O wa zinikela yena ngenxa yetu, ukuze a si hlenge ebubini bonke, a si hlanze si be esake isizwe, si kutale emisebenzini elungileyo.
15Shumayela lezizinto, u luleke, u sole nokusola. A ku nga bi ko muntu o kweisayo.