1NGENYANGA yesishiyagalombili, ngomnyaka wesibili ka Dariusi, la ba kona izwi lika Jehova kuZekaria, indodana ka Berekia, indodana ka Ido umazisi, ukuti.
2uJehova wa e tukutelela noyihlo benu ngokutukutela.
3Kepa wena, wo ti kubo, njalo u tyo uJehova wamabanhla; Buyelani kimi, ukutyo kuka Jehova wamabandhla, mina ngo buyela kini, u tyo uJehova wamabandhla.
4Ma ni nga bi njengoyihlo benu, a ba kala kubona abazisi bokuqala, ba ti, Njalo u tyo uJehova wamabandhla, Buyani manje ezindhleleni zenu ezimbi, na sekwenzeni kwenu okubi, kanti a bezwanga, a ba lalelanga kimi, ukutyo kuka Jehova.
5Oyihlo benu ba pi na? nabazisi ba be be hlala ku ze ku be pakade na?
6Nembala amazwi ami neziyalezelo zami e nga yaleza izinceku zami abazisi ngazo, a zi ba fikelanga oyihlo benu na? ba se be buya, ba ti, Njenga loku uJehova wamabandhla wa be e zindhla ukwenza kiti, kwezindhlela zetu, na ngokwenza kwetu, wenze njalo na kitina.
7Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye, e inyanga uSebati, ngomnyaka wesibili ka Darius, la ba kona izwi lika Jehova kuZekaria indodana ka Berekia, indodana ka Ido umazisi, li ti.
8Nga bona ebusuku, bhekake, umuntu e kwele ehashini elibomvu, yena wa be e mi ngapakati kwemiti emihadari e bi semfundeni; kwa ba kona nasemva kwake amahashi amlilwana, nabomvu, namhlope.
9Lapo nga ti, Ba ini laba, Nkosi yami? Ya se i ti kimi ingelosi e bi kuluma nami, Ngo ku bonisa ukuba laba ba ini.
10Lapo umuntu o be e mi ngapakati kwemiti yemihadari wa pendula wa ti, Ilaba uJehova u ba tumile ukuzihambela emhlabeni.
11Nabo ba yi pendula ingelosi ka Jehova e bi pakati kwemiti yemihadari, ba ti, Si zihambele emhlabeni, bhekake, umhlaba wonke u hlezi u tula.
12Ya se i pendula ingelosi ka Jehova ya ti; Jehova wamabandhla, ko ze ku be nini u nga li haukeli iJerusalema nemizi ya seJuda, o be u tukutele nayo leminyaka engamashumi a isikombisa na?
13Lapo uJehova wa yi pendula ingelosi e bi kuluma nami, ngamazwi alungileyo, amazwi atokozisayo.
14Ya buya ingelosi e bi kuluma nami ya ti kimi, Memeza wena, u ti, Njalo u tyo uJehova wamabandhla; Ngi nomona ngeJerusalema neZioni ngomona omkulu.
15Ngi ya tukutela ngentukutelo enkulu nezizwe ezi hlezi kahle; e nga be ngi tukutela kancane, kepa bona ba sizile ebubini.
16Ngako njalo u tyo uJehova; Ngi buyele kuJerusalema ngomhau; indhlu yami i za kwakiwa kulo, u tyo uJehova wamabandhla; yo ti intambo yelulwe pezu kweJerusalema.
17Memeza futi, u ti, Njalo u tyo uJehova wamabandhla; Imizi yami yo vama futi ngokuhle; ko ti uJehova a tokozise iZioni futi, a kete futi neJerusalema.
18Lapo nga pakamisa amehlo ami, nga bona, bhekake izimpondo ezine.
19Nga se ngi ti kuyo ingelosi e bi kuluma nami, Zi ini na lezi? Yona ya ti kimi, Zona zi izimpondo e zi citile iJuda, neIsraeli, neJerusalema.
20Wa buya uJehova wa ngi bonisa ababazi abane.
21Lapo nga ti, Laba abezayo ba za kwenzani na? Yena wa kuluma, wa ti, Lezi zi izimpondo e zi citile iJuda, njengo ku nga ti a pakamisanga muntu ikanda lake: kepa bona ba fikile ukuzetusa, ukulahla izimpondo zezizwe, ezi pakamisa upondo lwazo pezu kwezwe la seJuda uku li cita.