Isizwe SakwaRubeni
1Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli. Wayeyizibulo, kodwa ngenxa yokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa, indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwangwa nasezizukulwaneni njengezibulo. 2Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa. 3Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: kwakunguHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharmi.
4Amadodana kaJoweli: kwakunguShemaya, uGogi, uShimeyi, 5uMikha, uRewaya, uBhali, 6noBhera, owathunjwa nguThiligathi Phileneseri, inkosi yase-Asiriya; wayengumholi wakwaRubeni.
7Abafowabo nabo babebhalwe ngemindeni yabo, nangezizukulwane zabo: uJehiyeli, inhloko noZakhariya, 8uBhela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owayehlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebho, noBhali Mehoni. 9Wakha ngasempumalanga kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni iYufrathe, ngokuba imfuyo yabo yanda kwaGileyadi. 10Emihleni kaSawule bahlasela amaHagiri, bawanqoba, base behlala emathendeni awo ngasempumalanga yalo lonke elakwaGileyadi.
Isizwana SakwaGadi
11Amadodana kaGadi ahlala maqondana nabo eBhashani, kwaze kwaba seSaleka. 12Izinhloko kwakunguJoweli, owesibili kunguShafamu, kulandele uJahanayi noShafani. 13Abafowabo babemi kanje ngokwezindlu zoyise: kwakunguMikhayeli, uMeshulamu, uShebha, uJorayi, uJakhani, uZiya no-Ebhere, beyisikhombisa sebebonke. 14Laba babengamadodana ka-Abhihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikhayeli kaJeshishayi kaJahido kaBhuzi. 15U-Ahi ka-Abhidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zokhokho babo. 16Bahlala kwaGileyadi eBhashani nasemizaneni yalo, nasemadlelweni wonke eSharoni, kwaze kwaba semingceleni yawo.
17Bonke laba babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobhowamu, inkosi yakwa-Israyeli.
Amabutho Esizwana SakwaRubeni, AwesakwaGadi Nengxenye YesakwaManase
18Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, kwakungamadoda anamandla, aphatha ihawu nenkemba, ansale umnsalo futhi eqeqeshelwe ukulwa, ayeyizi-44 760 aya empini, 19ahlasela amaHagiri, noJethuri, noNafishi noNodabhi. 20Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba. 21Adla izinkomo zabo, amakamela ayizi-50 000, izimvu eziyizi-250 000, izimbongolo eziyizi-2 000, nabantu abayizi-100 000. 22Kwawa abaningi bebulewe, ngoba impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala endaweni yabo aze athunjwa.
23Abantu ababeyingxenye yesizwana sakwaManase bahlala kulelo lizwe, kusukela eBhashani kuze kube seBhali Hermoni, eSeniri, nasentabeni iHermoni.
24Nazi izinhloko zezindlu zokhokho babo: ngu-Eferi, u-Ishi, u-Eliyeli, u-Aziriyeli, uJeremiya, uHodaviya noJahidiyeli; babengamaqhawe anamandla, amadoda anegama futhi eyizinhloko zezindlu zokhokho babo.
25Kepha baphambuka kuNkulunkulu wokhokho babo, balandela onkulunkulu babantu balelo lizwe, baphinga, uNkulunkulu ababhubhisa phambi kwabo. 26UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli, inkosi yase-Asiriya, nomoya kaThiligathi Philineseri, inkosi yase-Asiriya, babathumba abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, babayisa eHala, eHabhori, eHara, nasemfuleni iGozani, kuze kube namuhla.